Imibono

Asibambe Iqhaza Emfundweni Yezingane Zethu

WENA ungokhethiweyo futhi ungowecebo likaMdali weZulu nomhlaba. Noma ngabe izimo ziyakuzamazamisa kepha ungakhohlwa ukuthi njengoba uphila nje kuyicebo nomusa kaJehova.

Namhlanje ngifisa ukugqugquzela noma iliphi ilunga lomndeni ukuthi libambe iqhaza emfundweni yengane. Lokhu ungakwenza noma ngabe awufundile. Ukusiza ingane akusho ukuthi kuze kube ukuthi ufundile okanye unemali eningi. Nawe ungalibamba iqhaza. Angikhulumi ngokufaka imali kepha ngigxile ekutheni ungayisiza ingane ukuthi yenze kahle esikoleni. Nazi izinto ongazenza; Mfundele indatshana ngaphambi kokuthi alale okanye umcele yena akufundele. Mxoxele indatshana, mbuze ngosuku lwakhe esikoleni nokuthi ubenzani esikoleni. Myalele ukuthi abhale ngokuthi umbizele. Uma nizoya kothenga igilosa yasendlini, mbizele yena abhale. Uma engalazi igama ukuthi libhalwa kanjani mnikeze igogogo lalokho ofuna akubhali ukuze abuke akopishe khona. Mnikeze amathuba okufuna nokubhala ekhaya. Lokhu kuzokwenza umqondo wakhe ukhaliphe akwazi ukufunda nokubhala kahle. Uma umgxeka mgxeke ngokwakhayo, ungamthethisi. Kubalulekile ukuthi sonke sibambe iqhaza emfundweni yezingane zisencane ukuze senze ikusasa libengcono. Kuningi ongakwenza nengane ekhaya okuphathelene nemfundo ongakwenza ekhaya ingane isizakale. Khumbula kukhona amaculo, imidlalo, nezindatshana ezifundisayo. Okunye ningazisungulela khona.

Masenze izingane zibe nothando lokufunda. Ngokwenza lokho sobe senza umehluko futhi bayoba nekusasa eliqhakazile.

Boni Mahlinza
Author, Motivational Speaker & Entrepreneur.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.