Unesifiso Sokuhamba Umhlaba Ngomculo We-Piano U’Dlala Slxm’
UMUNTU ekukhuleni kwakhe uba nezinto azithandayo nafisa ukuba yizo nxa umdali esamuphe impilo. NAMHLANJE sibhala ngekhono eliyisimanga lokuhlanganisa umculo we-piano kukaSphelele ‘Dlala Slxm’ Gumede oneminyaka engamashumi amabili (20) waseHwebede eMacambini ngaphansi kukamasipala waseMandeni. UGumede usenesikhathi impela ehlanganisa umculo we-piano ngenxa yothando analo ngawo kanti unephupho lokuthi aphile ngawo ngelinye ilanga.
Ebuzwa UMKHAYA ngohlobo lomculo awenzayo uGumede uthe: ” umculo wami ngingathi nje uwuhlobo lwe-piano olunezinsimbi zakudala ze kwaito”. Lolu uhlobo lomculo oluthandwa kakhulu intsha kodwa okungelula ukuwuhlanganisa uwuqala phansi, kakhulu uma nezinsiza zingenele kahle.
Kunesidingo sokuthi abaculi basezindaweni ezingamakhaya njengale akuyo uGumede bethole ukunakwa ukuze kuthuthukiswe amakhono abo futhi babe nethuba lokufeza amaphupho abo. “Ngiyafisa ukuya kude nalomculo, ngishaye nezindawo ngawo”, kusho yena.
Izingoma zikaGumede ziyatholakala ku-YouTube ngaphansi kwegama ‘Dlala Slxm’ naku- Hearthis.at.com ziyatholaka ngaphansi kwegama elithi ‘Dlala Slxm’.
Ingoma eyi-EP ayikhiphe ezinyangeni ezidlule ethi ‘Aw Yebo Revisit’ yenza kahle kakhulu kuma-ditigal platform njengoba landa inani labantu abangena kuyona ku-PTBM, okungenye yama-platform omculo ahamba phambili.
“Uma abafundi befuna ukwazi ngezingoma ezingakaphumi nezizophuma bengangilandela ezinkundleni zokuxhumana ezinjengo TikTok, Instagram no Facebook, ngaphansi kwalo igama elithi ‘Dlala Slxm’, kusho uGumede.