“Sithole Uthando KwaBulawayo” – Kwesta No Emtee
Ngesikhathi abaculi bakuleli bematasa emcimbini we-Metro FM obuseMbombela Stadium eMpumalanga ngoMgqibelo, abaculi ababili be-rap uKwesta no Emtee bebematasa bona nokujabulisa abantu basedolobheni lakwaBulawayo eZimbabwe.
Lo mcimbi obizwa nge ‘Bulawayo Shutdown’ obuhanjelwe abaculi abaningi abavela emazweni ase-Afrika ubuse Queens Sports Grounds kanti uqondane nosuku lokugcina lweZimbabwe International Trade Fair eba minyaka yonke.
Ngendlela obekugcwele ngayo kulo mcimbi kuphoqe ukuthi abanye abantu abebewuhambele bangeniswe endaweni yama-VIP nokuphinde kwadala isinyokotho kuyona.

Isithombe: Izinkumbi zabantu ebezijabulela abaculi e-Queens Sports Ground, kwaBulawayo eZimbabwe
NangeSonto uqhubekile lomcimbi kanti nakhona abantu bebesabulala inyoka. Akungatshazwa ukuthi owakulonyaka awusoze walibaleka kubalandeli, abahleli nakubo abaculi.
“Ngizwakalisa ukubonga okukhulu kubantu abafike baba ingxenye yeBulawayo Shutdown. Uthando enisinike lona ngisalubabaza namanje. Indawo ebesifike, sahlaliswa kuyona ibisezingeni eliphezulu, siyabonga kakhulu nisiphe uthando oluyisimanga. Ngizizwe ngisekhaya”, kusho u-Emtee.
“Angikaze ngizizwe kanje empilweni yami, nakhona bengiqala ukunandisa eZimbabwe. Ngizizwe ngamukelekile kakhulu. Bekumnandi kakhulu, ngibone nangesikhathi nginandisa ukuthi abantu bajabule. Kube umzuzu engingasoze ngawulibala empilweni yami. Ngiyaphakamisa kubantu bakwaBulawayo nabahleli be-Shutdown”, kusho uKwesta.
Lomculi waseNingizimu Afrika ungene sekudlule emizuzu engamashumi amabili emuva kwehora lokuqala ekuseni (01:20) wenza ezibukwayo ededela amanoni aziwa ngawo athi ‘Ngiyazifela ngawe’, ‘Spirit’ nethi ‘Ngudu’. Uze waphuma e-stage imizuzu seyidlule ngeshumi emuva kwehora lesibili (02:10) ekuseni.
Emuva kukaKwesta kungene uMurumba Pitch ongu-DJ wadedela ingoma kuphela, ebelesele ngezabaculi baseNingizimu Afrika njengalena ethi ‘Imithandazo’ kaKabza De Small noMthunzi abayenza no Young Stunn. UMurumba Pitch ujabulise abantu imizuzu engamashumi amane (40) yonke bedansa bengaphumuli.
“Angiwuvali umlomo ngothando olutshengiswe abantu bakwaBulawayo. Bengiqala ukucula eZimbabwe, bengingazi ukuthi kunezulu elinje”, kusho uKwesta.
Ngaphambi kokuthi kunandise uKwesta bekuphithizela u-Emtee e-stage ehlanyisa izihlwele ngezingoma zakhe ezike zashisa izikhotha ezithi ‘Pearl Thusi’, ‘By any means’, ‘Abantu’ nezinye.
Abanye abaculi abebekhona kulo mcimbi o-Enzo Ishall, Winky D, Bazooker, Killer T, Mzoe 7, DJ Nospa MC, Templeman, Fanta, Levels, Eugy, Ribhe nabanye abaningi.
Umcimbi uqhubeke kwaze kwaba iSonto ngehora lesikhombisa ungakaze ume, nabantu besazijuxuza. Ngendlela obekugcwele ngayo abantu bagcine bevinjelwa ukungena esangweni, abanye besebegxuma ngemuva kwendawo yokudlala eyi-indoor sports club begalakaqele ngaphakathi enkundleni.
*Enye ingxenye yombiko kulolu daba icashunwe ephepheni laseZimbabwe iZimbabwe Chronicle