Sisikazwa Ngejozi Isikhundla Senhloko Yezindaba E-SABC
Okhulumela ihhovisi likamengameli kuleli uMnuz. Vincent Magwenya usechithe imibiko ethi kunemicibisholo elolelwa isikhulu esiyinhloko yezindaba kwa-South African Broadcasting Corporation (SABC), uMnuz Meshoeshoe Monare ngaphambi kokuthi kufike ukhetho lukaHulumeni kazwelonke nowezifundazwe ngomhlaka 29 Nhlaba 2024.
Kuthe ngoMsombuluko umsakazo ongaphansi kwe-SABC Ukhozi FM ohleweni Abasiki Bebunda ,wenza umbiko obukhuluma kabanzi ngololu daba. Kulombiko kuvele ukuthi isikhulu se-SABC uMonare ngesikhathi kwenziwa inhlolakhono yemsebenzi awenzayo kulomsakazeli womphakathi kunezigaba angazenzanga ngesikhathi eqashwa ngo-2022, okuyizo okufanele azenze. Kulezi gaba kubalwa ukufaka imininingwane kwi-form lokuqashwa nezinye.
Ezikhulumela uMonare uthe: ” Angisho ukuthi ngifuna ukuphathwa ngendlela ehlukile kodwa kufanele ngiphathwe ngendlela enobulungiswa”. Okungishaqisayo ukuthi kwezinye izigaba okufanele adlule kuzona uMonare ukuthi aqoshwe kusetshenziswa umshini ozohlola ukuthi akasengi yini ezimithiyo.
Kwenzeka lokho nje inhlangano evikela inkululeko yabezindaba i-Media Monitoring Africa isinxuse umengameli wezwe uMnuz. Cyril Ramaphosa ukuthi angahlali nje asonge izandla kube kuthintabezwa ilungelo lomuntu onikwe umsebenzi obaluleke kangaka.
Kuningi ukukhathazeka okukhona ngodaba lukaMonare njengoba abantu abaningi lokhu bekuthatha njengendlela kahulumeni yokufuna ukungena agamanxe ezikweni lezindaba e-SABC. Kuthiwa kunabangaphakathi ku-African National Congress (ANC) abasola i-SABC ukuthi ayisivezi isithombe esihle ngayo, nokuyibo abafaka ingcindezi yokuthi ashenxe uMonare.
Emasontweni edlule amaziko amaningi ezindaba abike kabanzi ngezinkulumo eziqoshiwe lapho uRamaphosa obuye abe ngumengameli we-ANC ubekhuluma emhlanganweni we-National Executive Committee (NEC) yalenhlangano eveza ukungenami kwakhe ngendlela abezindaba ababika ngayo nge-ANC. Uphinde wezwakala uRamaphosa ethi kuzofanele aphoselwe inselelo amaziko abika kabi ngenhlangano yakhe.
Ngokwale nkulumo eqoshiwe i-NEC izojuba amalungu ayo azobhekana ngqo nabezindaba ababika kabi nge-ANC.