Kuzokwengezwa Amacala OMfundisi Otholakale Nezandla Zomuntu
Inceku yeNkosi uMfundisi u-Solomon Mhlanga wase-Witbank okubikwe ngaye kakhulu kwabezindaba ekuqaleni kukaNdasa esolwa ngokuthumba nokunqamula izindla zikaDumisani Mhlanga utholwe nezandla zomuntu. Akwaziwa ukuthi ezikabani lezi zandla atholwe nazo lo Mfundisi njengoba ezikaDumisani zatholakala bude buduze nalapho anqunyelwa khona.
Kuthiwa uMfundisi lona neqembu labantu ayenalo bathatha uDumisani bamyisa ehlathini eliseduze bamshaya bamnqamula nezandla. Kwathi noma esezikhalela lomlisa omncane ecela bemnqume okungenani isandla esisodwa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya bazinquma zombili ngohubhane wokusika utshani.
Imibiko yezindaba yaveza ukuthi loMfundisi watshela uDumisani ukuthi njengoba emnquma zombili izandla wenzela ukuthi bazi nabanye ukuthi umuntu omntshontshelayo yena umenza njena.
Endaweni abantu bakholwa ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalo Mfundisi njengoba kusolwa engathi lezi zandla zabantu azinqamulayo negazi ukusebenzisela ukwenza umuthi wokukhulisa ibandla lakhe.
Uvele enkantolo yase-Witbank, eMalahleni ngomhlaka 9 Ndasa.
Embikweni owaphuma ezikweni lezindaba i-News24 uDumisani wathi yena kazange antshontshe lutho esontweni lalo Mfundisi onebandla e-Vosman ngaphandle kwancane kwase-Witbank.
Amaphoyisa abikelwa ngalolu daba waboshwa uMfundisi nabantu ayenza nabo lokhu.