EzosaziwayoIzindaba

Usaziwayo Uxolisile Emuva Koku ‘Nikiza’ Umsebenzi Wasesitolo Kubuka Abantu

Kwi-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana kubonakala usaziwayo u-Jelly Barbie oneminyaka eyishumi nesishiyagalombili ekhuluma amagama aziswana kumsebenzi wasesitolo esiyi-supermarket i-Big Save. U-Jelly oyilungu leqembu elidumile i-Bacardi elicula umculo we-pop ushudulisane ngamazwi no-Martha Mazibuko oshaya i-till kulesi tolo.

Emuva kwengcindezi lomculi ayithole ezinkundleni zokuxhumana usexolisile kuMartha.

Kule-video esekhasini lika-Jelly le-Tiktok uzwakala ethi ku-Martha uyisilima futhi uyaphapha. “O eng wena? (Uyini wena?), O lastang (Uyaphapha)”, usho nje kucaca ukuthi akamzwile lomsebenzi wesesitolo.

Akagcinanga lapho njengoba eqhubekile wathi: “Ga o selo wena, o maq (Awulutho futhi uyisilima)”.

Le-video esabalale njengomlilo wequbula imdalele amazinyo abushelelezi u-Jelly njengoba abantu bemgxekile kuzo zonke izinkundla zokuxhumana, bemnikiza ngayo yonke inhlamba ongayicabanga besho khona ukuthi lomuntu amedelelayo mdala kabi futhi angaba umzali wakhe.

Isitolo sakwa-Big Save sibhale isitatimende sithi singathanda ukubona u-Jelly exolisa esidlangalaleni ngesenzo sakhe sokwehlisa isithunzi umsebenzi wabo isithunzi ngale ndlela enze ngayo. “Sifuna lomuntu okuthiwa udumile osebenzisa u-Tiktok axolise ngesenzo sakhe, sifuna futhi kube khona izinyathelo athathelwa zona bese exolisa kumsebezi wethu nakwinkampani yethu”, kusho isitatimende.

Kuqale izinkinga emuva kwale-video njengoba kunesitolo abesebenzisana naso u-Jelly, i-P Square Beauty Parlor esithe sesiyahoxa ukusebenzisana naye njengoba esebonise ukuthi ungumuntu okuhlaza. “Sifisa ukuthi nathi sikuveze ukuthi emuva kwalezindaba zakamuva ezivele ngomculi u-Jelly esisebenzisana naye, siyakuhoxisa konke obekusihlanganisile njengoba ukuziphatha kwakhe kungahambisani nendlela esiqhuba ngayo ibhizinisi lethu”, kusho isitatimende.

Okunye okufakele kakhulu u-Jelly ingcindezi ukuthi kubangani bakhe baku-Tiktok abebengu-600 000 ngokushesha behle baba u-125 000.

Kuthe emuva kwalokho u-Jelly wafaka isithombe sakhe no-Martha lapho abevela khona emangile ngaphakathi esitolo sakwa-big Save.

Isithombe: U-Jelly Barbie ongakwesokunxele ange u-Martha Mazibuko osebenza esitolo sakwa-Big Save

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.