Izindaba

Kuboshwe ‘Umshayi’ Webhodwe Ongusaziwayo Ngokuqola I-SARS

Ugwetshwe iminyaka eyishumi umpheki odumile kuleli uLusizo Henna ngamacala ayisithupha enkohlakalo kanye neminye iminyaka eyisithupha ngamacala ayishumi nane ngokushintshiselana ngemali (money laundering) yi-Johannesburg Specialised Commercial Crimes Court ese-Palm Ridge. Imansthi uPhindi Keswa obehlalele leli cala uthole ukuthi uHenna oneminyaka engamashumi amane nanye ungumnikazi webhizinisi elidayisa ukudla okuphekiwe i-Blaque Olive Chefs, elifake isicelo semali engu-R5.3 million ye-VAT kwi-SARS, yakhokhelwa u-R3.1 million owaya kuyena uHenna njengomqondisi wayo.

Inkantolo ithole ukuthi lenkampani awukho umsebenzi eke yawenza yakhokhelwa ngawo ngokwemininingwane evela kuma-accounts ayo selokhu yasungulwa. Konke lokhu bekuchaza ukuthi isicelo esafakwa kwi-SARS sasiwubuqola.

UKeswa uthe lemali ekhokhelwe uHenna ibingenza izinto eziningi ukuthuthukisa abantu kanye nengqalasizinda esindala ezweni. “Lemali ekhokhelwe uHenna imali obukumele ngabe isize abantu futhi ibingenza umehluko ekuguquleni impilo yabantu. Lokhu kungaphezu kokuthi izwe lilahlekelwe imali kodwa kukhona okungenzekanga ngenxa yakho”, kusho imantshi.

Emuva kokuthola u-R3.1 million ongene kwi-account yakhe uHenna ube eseshintshiselana ngayo lemali eyifaka kuma-account yamalungu omndeni wakhe, izihlobo nabangani ngezinsuku eziyishumi nane nje ingenile.

Okhulumela i-NPA eGoli uPhindi Mjonondwana uthe: “Umpheki odumile uLusizo Henna ugwetshwe yinkantolo iminyaka eyishumi nane ngamacala ayisithupha enkohlakalo kanye neminyaka eyisithupha ngamacala ayishumi nane ngokushintshiselana ngemali (money laundering). Siyi-NPA siyaqhubeka nomshikashika wokuvikela imali yabakhokhi bentela. Sifisa ukubonga umsebenzi omuhle owenziwe u-Advocate Marius Oosthuizen ngokusebenza ngokuzinikela ukuqiniseka ukuthi lelicala liyafika esiphethweni kanye nethimba lonke abesebenza nalo”.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.