Abe-Ehailing Bakhala Ngo-R20k Abawukhokhiswa Abamatekisi E-Ballito
Bakhala isililo sikaNandi abanikazi nabashayeli bezimoto abakhokhelwa ngohlelo lwama-metre ngemali engu-R20 000 abathi sebetshelwe i-Dolphin Coast Taxi Association (DCTA) ukuthi bayikhokhe ukuze beqhubeke nokusebenzisa imizila yaseBallito. Labashayeli bama-Uber ne Bolts bathi baziswe ngalesinqumo esingujuqu ngoLwesithathu olwedlule.
Indala impi ekhona phakathi kwabamatekisi nabe-ehailing njengoba kujwayelekile emadolobheni amaningi ukuthi kuhlezwe kubangwa imizila kanti ziningi izidumbu eseziphumile ngenxa yalombango. Abamatekisi bafuna abe-ehailing balandele imithetho elandelwa yibo kulomsebenzi abawenzayo wokuthutha umphakathi.
Umshayeli we-Bolt ophawulile kodwa ongathandanga igama lakhe lidalulwe uthe akukho angakwenza kodwa kuyaphoqa ukuthi ayikhokhe lemali. “Sikujwayele ukubhekana ngeziqu zamehlo no-association bamatekisi, abantu abangafuni ukusikhokhela imali esiyinqumayo ngohambo, ukuphangwa nokubanjwa inkunzi. Kwezinye izindawo siyavimbelwa ukusebenza”, kusho lomshayeli.
Eqhubeka uthe kwezinye izindawo bakhokhiswa izimali ezinkulu uma bebonwa abamatekisi besenza. “Bathatha imali yethu ngenkani, uma ugoloza bathatha imoto. Siyazi ukuthi esikwenzayo akulawulwa umthetho, ngakho ngibone ukuthi angilandele lemibandela abayibekayo ukuze kuphileke”, kuchaza lomshayeli.

Isithombe: Internet
Okhulumela i-DCTA u-Daniel Lynn uvumile ukuthi ikhona imali abafuna ikhokhwe abe-ehailing wase ethi lemali izosiza ukunciphisa inqwaba yalezimoto esezigcwele idolobha. “Abahlali abaningi base-Ballito bayakhalaza ngalabantu be-ehailing. Khona abantu abadukayo, kuntshontshwe izingane kuphindwe kuphangwe nabantu kuzo lezimoto zabo.
“Kusuka abantu koMgungundlovu nakoMpangeni bezosebenza lana e-Ballito. Ngeke sikwazi ukubalawula uma singenabo ku-database yethu. Sizoba nemininingwane yama-logbooks nezinombolo zezimoto ukuze uma kwenzeka inkinga kumuntu osuke egibele leyomoto sikwazi ukulandelela. Manje uma benza ngendlela abathanda ngayo, akekho ozokwazi ukulandelela futhi ngeke sikwamukele ukugxekwa. Inkinga ukuthi kuzongcola igama lethu njengo-association”, kuphethwa u-Lynn.