Imibono

Ungazikhohlwa, Nawe Ubalulekile

Ngike ngajula ngibuka impilo nendlela eyiyona. Nginokuqaphela ukuthi isikhathi esiningi empilweni sizikhathaza kakhulu ngabanye abantu sizikhohlwe thina. Lalela Mnqobi angisho ukuthi akulungile ukubeka abanye abantu phambili, kepha engigxile kukho ukuthi ungazikhohlwa nawe. Kuhle ukuba wusizo kubantu nokubathanda.Ungakhohlwa ukuthi nawe ubalulekile. Uyadinga ukuthi uphile ukuze ukwazi ukuba wusizo kulabantu ozikhathaza ngabo. Nawe kubalulekile ukuthi uzinake, uzithande futhi uzenzele okuhle ujabule. Lokhu akusho umona nokuba ugombela kwesakho kodwa kusho ukuthi nawe uyazazi ukuthi ubalulekile.

Khumbula phela ukuthi nawe unamaphupho, kunezinto ofisa ukuzifeza empilweni. Ungamisi amaphupho akho, ungazibi ukuphila emoyeni nasemzimbeni nokuhlanzeka ngoba nakhu ugxile ekutheni ufisa ukwenelisa abantu. Akuthi ubajabulisa ubenzela okuhle ngakho konke okusemandleni akho bese nawe phela uzizama ube nento ozoyenzela wena uqobo. Kuyenzeka uthole ukuthi uzinikela kakhulu ekwenzeleni abantu uthole ukuthi uma kukhona okudingayo wena akekho okusizayo. Impilo iyodwa. Kwesinye isikhathi kumele ukhule ngokuthi ukwazi ukuthatha izinqumo okungenzeka zibadine abanye. Akusho ukuthi yonke into kmele yenze umqondo kubantu ukuze ikujabulise. Khumbula ukuthi impilo ingawe.

Ake uzinike inselelo yokuthi kukhona la ozozicija khona ngokwekhono. Kube khona into okuzothi makuphela unyaka usho ukuthi yazi ngikhulile la futhi nakhu la ngikhule khona. Kungaba ukuthatha izifundo ezimfushane uthole lesosicucu. Ungaqala ibhizinisi noma ngabe lincane kanjani. Ungaqala ukuzivocavoca.


Empeleni iphuzu engiqonde kulo ukuthi ungakhohlwa ukuphila. Akube khona omatasa ngakho okuzokhulisa umqondo wakho. Uzithande uphinde uzame indlela yokuzifukula. Nawe ubalulekile kuwe uqobo. Ngelinye ilanga ungaba yinhlekisa nakubo laba obasizayo uma ungaseyilutho. Unelungelo lokuhlonishwa nokuthandwa kanye nokuzithanda nawe. Ngeke ukwazi ukuphisana ngongenakho. Yiba khona uma udingeka kepha nawe ungazishiyi emuva kakhulu ngoba nawe ubalulekile.

Sengathi yonke imizamo yakho ingaphumelela bejabule ekhaya.

Boni Mahlinza
Author, Entrepreneur & Motivational speaker.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.