EzosaziwayoIzindaba

UMakhadzi Uzobonakala Emdlalweni Omusha Ku-eTV

Umculi we-pop odumile kuleli uzobonakala okokuqala ngqa emdlalweni omusha kamabonakude njengoba ezodlala indawo yakhe emdlalweni owuchungechunge Isiphetho ngoLwesine. UMakhadzi uzobe edlala indawo yakhe njengomculi odumile waseNingizimu Afrika kulo mdlalo.

I-Sunday World iveze ukuthi uMakhadzi ongowokudabuka eHa-Mashamba eLimpopo useqedile ukuqopha iziqephu zalomdlalo, kanti uzobe elingisa kuwona nabalingisi asebemnkantshubomvu kwezokulingisa oMbalenhle Mavimbela oke wadlala ku-The Wife kanye no Linda Sokhulu owaduma kuSokhulu and Partners neSidingo esesaqedwa.

Esitatimendeni esikhishelwe abezindaba abomdlalo Isiphetho bathe uMakhadzi uzovela kulomdlalo iziqephu ezimbalwa. “Useqenjini labangani abane abajabulela ukuvulwa kwesitolo sabo esisha sokudla nokuyinto ebiyiphupho labo isikhathi eside”, kusho isitatimende.

Siqhubeka sithi: “laba banquma ukuvula lendawo ngokwenza isiphihli somcimbi kanti umculi ozobe enandisa phambili uyena uMakhadzi. Uzovela ewuyena uMakhadzi lapho ezobe eqhulula khona amanoni ezingoma adume ngazo”, kusho isitatimende.

Lomdlalo uvala isikhala se-Rythm City ebidlala ngokugamanxa kwehora lesithupha phakathi nezinsuku ebisidonse iminyaka eyishumi nantathu (13). Uqoshwe elokishini laseSoweto elaziwa ngokuthi kuseMzimhlophe. Ukhuluma ngempilo yabangani abane abahlanganiswe imfihlo eyodwa iminyaka , kusuka ebuncaneni babo.

UMakhadzi uqale ukungena kwezikaqedisizungu eneminyaka eyishumi nambili (12) esadansela abaculi kodwa enephupho lokuba umculi odumile ngelinye ilanga. Uzalwe ngomhlaka-30 Nhlangulana 1996 waqanjwa abazali bakhe ukuthi unguNdivhudzannyi Ralivhona. Uthe mayegqama emculweni wasebenzisa igama likaMakhazdi. Unenkampani yakhe ekhipha umculo i-Makhadzi Entertainment.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.