EZISEMATHENIEzosaziwayo

U-Kanye West Utshele Intatheli Ukuthi Angathanda Ukwenza Ucansi Nomkakhe No-Michelle Obama

Uthuse abaningi usaziwayo waphesheya kwezilwandle u-Kanye West ngesikhathi enengxoxo nentatheli ye-Download lapho okuthe mayebuzwa ukuthi imuphi umuntu odumile angathanda ukulala naye kanye nomkakhe u-Bianca Censori okubizwa nge-threesome, wangananaza wathi “u-Michelle Obama”. Lomculi oneminyaka engamashumi amane nesithupha (46) uqhubekile wathi: “Kumele wenze ucansi nomka mengameli”.

U-Michelle oneminyaka engamashumi ayisithupha (60) ungunkosikazi walowo oke waba umengameli eMelika ngo-2009 kuya ku-2917, uMnuz. Barack Obama.

Ukhuluma kanjena nje u-West usematheni kwabezindaba kuleliyazwe laseMelika njengoba eke waqhuthana amazenze nomunye wesilisa e-Marmont Hotel e-Los Angeles. Kubikwa ukuthi lona wesilisa uthinte kabi umkakhe u-Bianca ngoLwesithathu olwedlule endaweni athe iwukumhlukumeza ngokocansi. Iphephandaba elibika izindaba zosaziwayo e-Los Angeles i-TMZ libike ukuthi u-West ushaye elinye lamawele aphethe izindawo eziningi zokuzijuxuza nezokudlela kulela dolobha, kanti kuthiwa ushaye iwele okungesilo ngenxa yokuthi ayefana.

Amagama amawele u-Mark no Jonnie Houston kuthiwa bayizinjinga ezinamabhizinisi ehlukene okudlela okubalwa i-No Vacany, Good Times at Davey Wayne ne Black Rabbits Rose. Kuthiwa umka West, u-Bianca utholane phezulu nelinye iwele kwasuka uthuli lwezichwe noma okuningi athe likwenzile kuye kungenabufakazi. Abebekhona kwenzeka lesigameko bathi akushoyo u-Bianca kuyihaba, “futhi wenzela nje ukususa umsindo”.

Udaba olukhulunywayo ukuthi ngesikhathi u-Bianca etshela umyeni wakhe ngengxabano yakhe newele elilodwa lakwa-Houston uvele wangabuza mbuzo [u-West] wagadla kwalibonayo. Emuva kwalokho uphele emehlweni nokuthe kufika amaphoyisa kulendawo okusuke kuyona impi ubengasabonwa.

U-Bianca ushade no-West emuva konyaka ehlukene no-Kim kardashian okwenzeke ngoMbasa 2022. Ngokwemininingwane esebhukwini i-Elle u-Bianca usebenzela inkampani ka-West i-Yeezy. Kuthiwa laba bashade isinyelela ngoMasingana 2023, kanti abazi izindaba zabo bathi lomshado kwakuyinto yomndeni akukho okungaphezu kwalokho osekuke kwenzeka.

Amaphoyisa ayaluphenya udaba lokuhlukunyezwa kuka-Bianca nezinye izigameko ezenzeke emuva kwalokho, uma ethola ukuthi kukhona okufanele bashushiswe luzobe seludluliselwa kumshushisi wendawo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.