Umsebenzi Wasendlini Ufuna Ukukhokhelwa R5.7 million Ngumndeni kaPitso Mosimane
U-Dorothy Sikirivao obesebenza emzini kaPitso Mosimane nomkakhe u-Moria Tlhagale ufuna ukukhokhelwa imali engu-R5.7 million ilomqeqeshi ohamba phambili e-Afrika kanye nomkakhe emuva kokuthi lona ewe esemsebenzini waphuka, wase ethinteka esibelethweni kangangokuba odokotela bathi angeke esabathola abantwana. U-Dorothy usefake amaphepha enkantolo i-Johannesburg High Court lapho ephoqelela khona uPitso nomkakhe ukuba bamkhokhele lemali. Ngokwalama phepha labashadikazi bake bamkhokhela izindleko zodokotela ngokulimala kwakhe u-Dorothy kodwa ngokuhamba kwesikhathi bayeka.
Imininingwane yasenkantolo iveza ukuthi u-Dorothy ulimale ngomhlaka-26 Ndasa 2021 ngesikhathi esebenza emzini wakwaPitso. Ngesikhathi elimala u-Dorothy wayesemsebenzini esusa imfucuza egcekeni eyayenziwa omakhi ababesebenza belungisa indlu.
Kwathi esasebenza wawa kabuhlungu ngomhlane wathinteka kabi emgogodleni. Wayiswa esibhedlela ngomyalelo wabashadikazi uPitso nomkakhe ukuze elahlwe futhi athole ukunakekelwa okuseqophelweni eliphezulu lezempilo njengoba wayekhala kakhulu ngomgogodla. Umbiko wodokotela waveza ukuthi ngenxa yokulimala u-Dorothy uphuke ithambo lomgogodla, wathinteka isikobho, igazi lase ligcwele ebuchosheni, ihlombe lakhe latsheka, umhlane wonke ulimele kanzima usezodinga ukulekelelwa ngezinsimbi, ithanga kanye nomlenze wesokudla waphuka kanzima.
Ngenxa yalokho kulimala uPitso nomkakhe bamyisa ekhefini lokugula kusukela mhlaka-26 Ndasa 2021 kwaze kwaba umhlaka-22 Nhlaba 2021. Wabuyela emsebenzini ngomhlaka-25 Nhlaba 2024 kodwa engasakwazi ukwenza kahle umsebenzi njengoba wayekwazi engakalimali. “Lokhu kwakudalwa indlela alimala ngayo. Indlela alimala ngayo yayingasamvumeli ukuthi enze umsebenzi obukhuni njengalemisebenzi ayeyenza emzini kaPitso nomkakhe”, kuchaza amaphepha asenkantolo.
UPitso nomkakhe babe sebehlela ukuthi kube nodokotela wamathambo ofika emzini wabo ukuze anakekele u-Dorothy.
Amaphepha asenkantolo aqhubeka aveze ukuthi iziphakamiso ezenziwa udokotela wamathambo zabaxaka uPitso nomkakhe baphoqelela u-Dorothy ukuthi enze umsebenzi owawungahambelani nomzimba wakhe owawusubuthaka. Okunye ababekwenza ukumshayelisa imoto yize umzimba wakhe wawungekho esimeni esikahle ngokwempilo.
“Ikhasimende lethu lalimala lenza umsebenzi elalijutshwe kuwona abamangalelwa bobabili. Ibona abamyalela ukuthi enze umsebenzi ohambelana nokwakha njengoba wayeyalelwe ukuthi alahle imfucuza eyayenziwa omakhi ababelungisa indlu yakwaPisto. Ikhasimende lethu lalimala mhlaka-26 Ndasa lenza umsebenzi elalingakaze liwenze phambilini. Ukube laba babengazange balenzise lomsebenzi ngabe alizange lilimale ikhasimende lethu”, kusho abameli emaphepheni asenkantolo.
Kulamaphepha abameli baveza ukuthi emuva kokulimala kwekhasimende labo uPitso nomkakhe bavuma ukukhokhela izindleko zodokotela ababelilapha kodwa ngokuhamba kwesikhathi bayeka ngaphandle kokubeka izizathu.
“Okunye okubuhlungu okwenzeka emuva kokulimala kwekhasimende lethu ukuthi latshelwa odokotela ukuthi angeke lisakwazi ukuzithwalela umntwana selingakwenza lokho ngohlelo olubizayo lwe-surrogacy”, kuchaza amaphepha asenkantolo.
Kuthiwa abameli baka-Dorothy bake babhalela uPitso nomkakhe ukuze bemkhokhele imali ngaphandle kwenkantolo kodwa bangakungena konke lokho. “Ngaleso sizathu sicela lenkantolo iphoqe esibamangalelayo ukuba bakhokhele ikhasimende lethu imali engu-R5.7 million”, kusho amaphepha abameli asenkantolo.
Kule mali abameli bathi u-R1.7 million owokuthi akasasebenzi u-Dorothy emuva kokulimala emzini kaPitso, R2 million wezindleko zodokotela zamanje nesikhathi esizayo, R1 million wokuthi akasakwazi ukwenza izinto azithandayo empilweni kanye no R1 million wobuhlungu nosizi asezophila ngaphansi kwalo.