U-BI Phakathi No Thinah Zungu Emkhankasweni Wokukoleka Imali Yokusiza Umculi Ogulayo
Usomabhizinisi odume ngokupha abantu imali ezinkundleni zokuxhumana u-BI Phakathi nomculi wezingoma zokholo uThinah Zunguh bahlangene ekuqoqeni imali yokusiza umculi ohlonishwayo ngamanoni abuyisa ithemba emculweni wokholo uFikile Mlomo osesimeni esingesihle njengoba elaliswe esibhedlela ngenxa yesifo somgogodla.
UThinah Zungu ubhale ekhasini lakhe ku-facebook enxusa abalandeli bakhe ukuthi befake isandla emaphaketheni kusizwe lomculi ongasenamali engenayo ngenxa yokulala esibhedlela. Ukucacisile ukuthi imali ayicela kubalandeli bakhe eyezindleko zesibhedlela neyokuthi imsize njengoba engasayitholi ndawo imali kwazise usewumuntu olele esibhedlela ngenxa yokugula.
“Asiqhubeke ngane zakwethu umqhele wethu sowuthola ngokumbona evuka eqala kabusha impilo yakhe asiphe umculo omnandi nezwi lakhe elimtoti..kukhona okusangezeka”, kusho uThinah.
Naye uFikile Mlomo odabuka kwaZulu-Natali ukuqinisekisile ekhasini lakhe ku-Facebook ukuthi impela usesibhedlela. “Ngicela ningibeke emithandazweni yenu. Ngizohlinzwa maduze. Kuzongithatha isikhathi ukuthi ngiqhubeke nomsebenzi wami wokucula ngenxa yokuthi emuva kokuhlinzwa kuzodinga ukuthi ngiphumule. Kumele ngihlinzwe umgogodla”, kusho uMlomo
UMlomo ungeniswe esibhedlela ezinyangeni ezintathu ezidlule enenkinga kwesingezansi kangangokuthi izinyawo zakhe bezingasebenzi kahle, zindikindiki. Uchazile ukuthi kazange alimale. “Ngisebenzisa izinti zokuhamba noma isihlalo esinamasondo. Abantu akumele kubathuse lokhu, angizenzisi. Kudume ukuthi abaculi bomculo wokholo banokuzenzisa noma banokuxoxa izinto ezingekho ngabo”, kusho uFikile Mlomo obonge bonke abenza izaba zokumsiza.
I-BI Phakathi Foundation ibambisene neThinah Zungu Entertainment bahlele umcimbi ozobe ungomhlaka-26 Ndasa 2024 ezindlini zebandla i-GNF eThekwini lapho kuzobe kunomkhuleko wokunxusela uFikile Mlomo impilo kanye nokuhlanganisa imali yokuba asizwe lomculi. Inombolo ye-account yase-Capitec yokufaka imali yokusiza uMlomo ithi 1752639098, kungafakwa kuyo kusukela ku-R20.