Baningi Osaziwayo Abangene Ogibeni Lokuhlonishwa Ngeziqu ‘Ezingumbombayi’
Emuva kokusabalala kwemibiko yokuhlonishwa komlingisi odumile kuleli uSello Maake Ka Ncube ngeziqu ze-Doctor of Philosophy (PhD) ezingumbombayi yisikhungo sezenkolo i-Trinity International Bible University sekuvele ukuthi bakhona nabanye osaziwayo abake bahlonishwa ile-university. Phakathi kwalabo saziwayo kubalwa umlingisi womdlalo oboniswa ku-SABC 1, i-Skeem Saam u-Elizabeth Surunye, umculi wezingoma zokholo ongasekho u-Deborah Fraser yena uhlonishwe ile-university ngoMfumfu 2021, kanye no-Winnie Mashaba ongumculi naye ohlonishwe ngo-2019.
Bonke laba bebehlonishwa emikhakheni ehlukene abakuyona. Ekhuluma ngoMsombuluko emsakazweni wesiZulu Ukhozi FM ohlelweni lwasekuseni olwenziwa uSipho ‘DJ Sgqemeza’ Mbatha no Nonhlanhla ‘Mroza’ Buthelezi iVuka Mzansi Breakfast Show ungqongqoshe wemfundo ephakeme nokuqeqesha kuleli uDkt. Blade Nzimande uthe lesikhungo asiqali ukuhlonipha abantu abangosaziwayo ngenhloso yokuthi sithole ukunakwa ekubeni sibe singabhalisile ngaphansi komnyango wabo. “Esikhathini esingaphambili kweza kimi usomabhizinisi waseThekwini u-Shaun Mkhize engitshela ukuthi uhlonishwe ilesikhungo, ngamtshela ukuthi asibhalisile, wathi asisisize sibhalise. Ngathi kuyena akabatshele besondele kimi sibalekelele bebhalise kodwa kuze kube manje abakaze beze kimina”, kusho uNzimande.
“Ngokwemininingwane esinayo njengomnyango wemfundo ephakeme nokuqeqesha, i-Trinity International Bible University ayibhalisile njengesikhungo semfundo ephakeme sangasese esifundisayo. Ngalokho asigunyaziwe ukuthi sikhiphe iziqu zemfundo kanye nezokuhlonipha abantu njengoba senza nje sona”, kusho okhulumela lomnyango uMnuz. Veli Mbele.