Kuboshelwe Amanoni Odwa Kwi-Album Entsha Ka Thandiswa Mazwai
Kuphelile ukulinda kubathandi bomculo wesihlabani se-pop uThandiswa Mazwai njengoba kuzothi ngoNhlaba akhiphe itsha sha i-album esihloko sithi Sankofa. Kule-album kuboshelwe amanoni njengoba kwezinye izingoma kukhona ephume mhlaka-12 Ndasa ayenza nomculi we-jazz uNduduzo Makhathini ethi Kulungile.
Le-single ethi Kulungile iqukethe umyalezo wethemba, ukudlula ezimeni ezinzima nokuthola ukuthula ngaphakathi emphefumlweni. Ikhuluma kakhulu ngohambo lwakhe uThandiswa, ngayo uthe ufisa abalandeli bakhe bazi ukuthi akukho ubuhlungu obungadluli noma ngabe bunjani.
I-album yonke izophuma emshinini mhlaka-10 Nhlaba 2024, bese kuthi mhlaka-11 Nhlaba uThandiswa uzobe esenandisa e-Carnival City eGoli lapho ezobe eqhulula onke akule-album. Ngalo lelo langa uzophinde acule amanoni amadala adume ngawo njengale ngoma ethi Zabalaza osekuphele iminyaka engamashumi amabili ayikhipha.
UThandiswa uthe igama elithi Sankofa liwulimi olukhulunywa eGhana okusho ukubuyela emuva ulande okusele-okubalulekile, nokuzokuphilisa. “Ngayoyonke le-album ngibone kuyisikhathi sokuba kengithi ukuhlehla kancane, ngikhumbule izikhathi ezindala. kanti nge-single ethi Kulungile bengizilapha amanxeba ezivuvaba ezake zangehlela ebuntwaneni bami. Kuningi okungehlele, ngike ngangafunwa, ngalahlwa, ngahlukunyezwa ngokocansi. Lengoma ngiyenzele omunye umuntu naye odlule kulesimo engidlule kuso”, kusho uThandiswa.
Egcina ukucula e-stage uThandiswa ubekwi-Tiny Desk Concert lapho enza khona into yamehlo, ejabulisa abalandeli bakhe ngendlela engakaze ibonwe. Amathikithi okungena e-Carnival City aseyatholakala e-computicket naku www.compiticket.com