UZakwe ‘Uyodlisa’ Ngekhono Lakhe EMelika
Umculi we-hiphop odabuka kwaMashu eThekwini uNtokozo Zakwe odume ngelika ‘Zakwe’ ungomunye wabaculi abaphuma ezwenikazi i-Afrika abayotshengisa amakhono abo eMelika. Kuthe ngomhlaka-12 Ndasa uZakwe namanye amaciko ase-Afrika walifulathela elakuleli, bathatha uhambo oluzodonsa inyanga yonke phesheya.
UZakwe utshele intatheli yephepha eliphuma njalo ngeSonto, i-Sunday World ukuthi ulujabulele loluhambo ngoba uzothola ithuba lokuqhakambisa ikhono lakhe kubantu bakwamanye amazwe futhi naye uzothola ithuba lokufunda izinto ezenziwa abanye abantu angazisebenzisa ukukhulisa umculo we-hiphop ekhaya eNingizimu Afrika.
Lomculi echaza ukuthi ukuthi luqhamuke kanjani loluhambo uthe: “Abasebenzi bendlu yenxusa lase-US kuleli emahhovisi aseThekwini sekunesikhathi eside bebuka umsebenzi wami njengomhleli wama-gig abaculi abasafufusa ku-hiphop, amakhono engiwavezayo nawowonke nje umsebenzi wami. Bangithintile befuna ukuzwa ukuthi ngeke yini ngithande ukuba ingxenye yethimba elizobe lifunda ngomculo we-hiphop wakhona e-USA, ukuthi waqala kanjani futhi abaculi bakhona bagqama kanjani”, kusho uZakwe.
Eqhubeka echaza uthe: “Umculo we-hiphop uvuleleke kakhulu, kanti kuyaziwa ukuthi e-USA ilapho abaculi abaningi abawuculayo bevela khona. Ngakho noma yini engizoyifunda khona izoba nomthelela omuhle kimi nasekhaya eNingizimu Afrika. Sengisize abaculi abaningi bakwaZulu-Natali, abanye asebeqophe nezinkampani ezinkulu. Manje sengiyavuna nami kulokhu engikwenzele abanye.
“Kuyangithokozisa ukuthi baningi engibasizile futhi abajabulayo ngomsebenzi wami. Njengamanje ngizama ukuthola uxhaso emsebenzini omkhulu engifuna ukuwenzela amaciko ase-KZN ngomncintiswano we-Hood vs Hood lapho kuzobe kuncintisana abaculi be-hiphop abavela emalokishini ehlukene”, kusho uZakwe.
Kuzobe kungaqali ukuthi uZakwe enze umncintiswano womculo njengoba esikhathini esiphambili eke wenza umqhudelwano obubizwa nge-Cypher at the Bat Centre nathe konke lokhu kungumnyakazo obonakalayo awenzayo emculweni we-hiphop. Kulolu hambo lwase-US uZakwe ukuphela komculi wakuleli osethimbeni njengoba kukhona abase-Swaziland, Zambia, Zimbabwe nabaseNigeria, ukubala abambalwa.
“Kuyangijabulisa ukuthi ngizenzela igama ngalendlela futhi lokhu kuletha ithemba ngoba bancane abebecabanga ukuthi umculo we-hiphop owenziwa ngolimi lwebele ungathola ukunakwa e-US”. kuphetha uZakwe.