Izindaba

U-MacG Useyibize Ngombhedo Eyokuba U-DJ Kuka Pearl Thusi

Usaziwayo wakuleli ophinde asakaze kwi-podcast ebizwa nge-Podcast and Chill With MacG, u-MacG useyihlabe wayihlikiza imizamo yakamuva ka-Pearl Thusi yokuba u-DJ. U-MacG ekhuluma kuyona le-podcast yakhe uthe umbhedo lento eqalwa u-Thusi nayibize ngokuzehlisa.

“Okunyeke lokhu akekho umuntu ongasuka ekubeni umlingisi odumile bese eyoba u-DJ eseneminyaka engu-40. Asingavumeli umbhedo”, kusho u-MacG.

NgoNhlolanja nonyaka uThusi oke walingisa emidlalweni i-Queen Sono, Bulletproof, Fistful of Vengeance neminye umemezele ukuthi usengena emkhakheni wokuba u-DJ manje, nathe yinto abelokhu eyifisa eminyakeni eyishumi edlule. Lokhu mlingisi oke wadlala ku wabhala ekhasini lakhe lika-Facebook wathi isikhathi sikaNkulunkulu lesi. “Ukuthi izinto zithatha isikhathi akusho ukuthi ngeke zenzeke. Ukuthemba isikhathi sikaNkulunkulu okufunekayo. Amaphupho ami asefezekile. Ukuthi abantu bakubona kanjani lokhu akusho lutho kimina. Akuhluphe bona, ayi mina. Ngiyakhuleka ukuthi lokhu kunigqugquzele ukuthi ningalilahli ithemba kulokhu enifisa ukukuzuza empilweni.

“Bekungikhathaza ukuthi abantu bazothini ngalesifo sami kodwa angisenendaba nezinkulumo zabantu. Ngiziqeqeshile kakhulu. Ngiyajabula ngoba sengidlulile ekusabeni ukuthi abantu bazongahlulela, ngisuke ngakhohlwa into eyodwa ukuthi uNkulunkulu kuphela onelungelo lokwahlulela. Sengikhululekile”, kusho uThusi.

Kuningi okunye uThusi aveze ukuthi uphezu kwakho njengokwenza izingubo ezizoba negama lakhe, ukuqopha ifilimi kanye nokuhlanganisa umculo. “Ngiyaziqhenya ngokuzokwenzeka empilweni yami ezinyangeni eziyisithupha ezizayo”, kusho uThusi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.