Izindaba

Uyise Wowayeyintombi Ka-AKA Uthi Wayengenasizathu Sokumfuna Efile Lomculi

Ubaba ka-Anele Tembe owayeyintombi ka-AKA, u-Moses Tembe uthi ngendlela ayemthanda ngayo umkhwenyana wakhe akukho nokuncane okwakungamenza abe nesifiso sokuthi afe. Lokhu ukusho nakuba kunezinsolo ezibhekiswe kuye ngokufa kwalom’reppa’

U-Anele wafa emuva kokuwa ebhilidini leshumi ehhotela i-Pepper Club Hotel eliku-Loop street e-Capte Town ngoNdasa 2021. Kuthe umndeni wakhe usalinde umbiko wamaphoyisa ngokufa kwakhe kwabe sekudutshulwa kwafa u-AKA esendaweni yokudla eThekwini i-Wish eku-Florida road. kulesigameko u-AKA wabulawa nomngani wakhe owayewumpheki odumile uTebello ‘Tibs’ Motsoane.

Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bahlanganisa lesigameko njengesokuziphindiselela kwabakwaTembe ngokufa kwendodakazi yabo u-Anele. Nokho uTembe nomndeni wakhe bamile ekuthini bona bebelokho belindele umkhwenyana wabo ukuthi azikhulumele enkantolo ngokwenzeka mhla kufa indodakazi yabo. “Into ebiphambili kithina njengomndeni ukuthi u-Kiernan angene ebhokisini, noma njengofakazi okanye ewumsolwa. Besizothola ukwaneliseka ukuzwa ubufakazi bomuntu wokugcina owayenendodakazi yethu ngaphambi kokuba ife”, kusho uTembe.

Eqhubeka echaza uthe yena akafuni ukufakwa ezinkulumeni zabantu ezithi indodakazi yakhe yabulawa u-AKA. “Konke okwakushiwo abantu ngaye angizange ngikungene ngendlela ebengimthanda u-Kiernan, ngimthande waze wafa naye.

Bengilokhu ngizitshela izingane zami, abazali bami nawo wonke umuntu owathinteka ngokufa kwendodakazi yami ukuthi asimthathe njengomunye wethu u-Kiernan ukuze sikwazi ukuphila nesimo sokuthi akasekho u-Anele ebesimthanda. Nabebelokhu bethi u-Kiernan wabulala u-Anele ngabatshela ukuthi asilinde umbiko wamaphoyisa okuyiwo ozosichazela ukuthi kwenzakalani”, kulandisa uTembe.

Muva nje intatheli u-Melinda Ferguson isanda kukhipha incwadi exoxa ngempilo yezithandani u-Anele Tembe no AKA esihloko sithi When Love Kills. Lencwadi ishicilelwe abe NB Publishers kanti kulindeleke ukuthi iphume kulenyanga.

Mabechaza ngokuqukethwe ile ncwadi abe NB Publishers bathi: “Incwadi ethi When Love Kills ixoxa ngempilo yesihlabani se-hiphop u-AKA oqale ubudlelwano bezothando no-Anele obeneminyaka engu-21 ngaleso sikhathi. Kule ncwadi kuvela izindaba ezishaqisayo zokuthi u-Anele wafa ngemuva kokuwa ebhilidini leshumi e-Pepper Club Hotel kade enengxabano eshubile ubusuku bonke nesoka lakhe u-AKA ngoNdasa 2021. Kusolwa ukuthi iyona mpilo ebeziyiphila lena lezithandani yokulwa nokuhlukumezana. Emuva kweminyaka embalwa kwenzeke lokhu, sekudutshulwa u-AKA esigamekweni okusolwa ukuthi esokuziphindiselela ngokufa komuntu wesifazane. Indaba yothando eyinhlekelele”.

Nokho umndeni wakwaTembe uzichithile izinsolo zokuthi uhlangene nalencwadi. Okhulumela lomndeni uthe umndeni awuhlanganise lutho nale ncwadi futhi awukaze uxoxe lutho nombhali wayo noma umnike ulwazi oluthile kepha okukuyo kuyimibono yakhe kanye nolwazi azihlanganisele lona ngokwakhe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.