USiyabonga Thwala Kwenye Indawo Ebalulekile Emdlalweni Omusha
Umlingisi ohlonishwayo kuleli uSiyabonga Thwala odume kakhulu emdlalweni obudlala ku-Mzansi Magic, Isibaya lapho abedlala khona indawo kaMpiyakhe Zungu uzobonakala komunye umdlalo omusha owuchungechunge obizwa ngokuthi Empini. Lo mdlalo oneziqephu ezingamashumi amahlanu nambili (52) uzoboniswa ku-Showmax.
Lomdlalo uzobe ugxile ezinkampanini ezizimele zonogada ezigada kakhulu ematekisini nabantu abaphezulu. UThwala uzodlala indawo ephambili kulomdlalo lapho ezolingisa khona indawo kaKhaya Bhodoza ongusomabhizinisi nosopolitiki odumile. Echaza ngendawo azoyidlala uThwala uthe usedlale izindawo eziningi emidlalweni ehlukene empilweni yakhe kodwa lena yehlukile.
“Sengidlale izindawo eziningi emidlalweni ehlukene empilweni yami kodwa ngimagange ngalo mdlalo omusha Empini njengoba uzoveza okuningi ngami njengomlingisi. Le ndawo iyangikhulisa njengomlingisi, ngokomqondo nangokomzimba”, kuchaza uThwala.
Mayeqhubeka echaza uThwala uthe lomdlalo akusilona nje uhlelo lukamabonakude olwejwayelekile kodwa umdlalo ozobonisa umbukiso wakuleli ophekwe ngokuzimisela futhi oveza impilo yangempela yabantu bakuleli.