Ukuzala Kumshiyise Ubungoma U-Brenda Ngxoli
Umlingisi odumile emidlalweni kamabonakude u-Brenda Ngxoli uphumele obala ngokumshiyise phansi ubungoma njengoba ethi lokhu kungenxa yokufika kwendodakazi yakhe ayiqambe igama wathi u-Sky. Ebhala ekhasini lakhe lika-Facebook uNgxoli uveze ukuthi ukuba umama kuvule elinye ikhasi empilweni yakhe.
“Ngishiye ubungoma ukuze ngigxile ekubeni umama kanye nasenkolweni yobu Krestu. Ngiyabonga Sky, ukufika kwakho kungivule amehlo kwavula nenhliziyo kulokhu okungifanele nokungangifanele ukuze kwenziwe abanye. Ubungoma bekungesiyo into yami. Angahluleli muntu kodwa uNkulunkulu owaziyo ukuthi bekuvele kungesiyo into yami lena”, kusho uNgxoli.
UNgxoli oke wadlala emidlalweni i-Home Affairs, The Queen ne Ses’Top La neminye kuthe ngo-2019 wama ukubonakala emphakathini ukuze agxile obizweni lobungoma yize abaningi base bethi unyamalele ngoba engenamali. “Kuyahlekisa ukuthi abantu bavele bekhulume noma yini. Anginyamalalanga ngoba ngingenamali noma kukhona engibacasukele, okanye nganginenkinga yezidakamizwa noma utshwala. Kepha ngangilandela ubizo lami lokomoya.
“Izinto zihambe kahle futhi bengithokozile kwaze kwafika isikhathi lapho ngibe nemibuzo eminingi ngami nokuthi ngisukaphi”, kuchaza Ngxoli.
Lo mlingisi uzalwe mhlaka-3 Ntulikazi 1981 e-Eastern Cape, wakhulela e-Kalk Bay e-Cape Town. Kuthe ngo-1997 waphothula ibanga leshumi nambili (matric) e-Meizenburg. Ngo-2000 uthole iziqu ze-BA kwi-Theatre and Performance. Uphinde wathola i-Diploma kwi-Speech and Drama e-University of Cape Town. Unebhizinisi leplazi ngakubo e-Eastern Cape.