Uzitholele Isipho Samakhokho Ngokutholisela Obelahlekelwe Umakhalekhukhwini
Namanje akawuvali umlomo u-Asanda Jama wakwaSithebe eMandeni ngesipho samakhokho asiphiwe owesifazane obelahlekelwe umakhalekhukhwini i-Samsung s23 ngoLwesihlanu. Ngokusho kuka-Asanda osebenza kwinkontilaki eyakha izindlu e-Cannan khona eMandeni lomakhalekhukhwini wawuthola ebuya emsebenzini.
“Ngawucosha emgwaqeni ngibuya emsebenzini. Bekungokwesibili ngicosha ngomakhalekhwini kodwa angikaze ngabagcina, njalo nje bengenza imizamo ukuthi bagcine befikile kubanikazi babo. Ngiyabazi ukuhlungu bokulahlekelwa into esemqoka equkethe okuningi kakhulu ngempilo yomuntu nokuyikhona okungenza ngibatholisele abantu”, kusho u-Asanda.
U-Asanda oneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye (19) uthi walinda ukuba kungene ucingo lomuntu olahlekelwe umakhelekhukhwini wakhe kodwa kwangenzeka waze waya enkundleni yezemidlalo lapho adlala khona ibhola nontanga yakhe. “Ngabe sengiwushiya kumama umakhalekhukhwini ukuze uma kukhona ofonayo axhumane naye. Nebala wafona umnikazi kamakhalekhukhwini, wakhuluma nomama waze wafika ekhaya mina ngingekho. Wathatha inombolo yami kumama”, kuchaza u-Asanda
NgoMgqibelo ufonile lona wesifazane olahlekelwe umakhalekhukhwini wacela behlangane esitolo esiseMall eMandeni kanti sekuyilanga lakhe lokuthola isipho samakhokho e-Adidas Predator.

Elandisa UMKHAYA u-Asanda uthe akukho obezokumjabulisa ngokugcina impahla yomuntu ebe azi ukuthi lapho ekhona uhlukumezekile. “Empilweni injabulo yami ayisoze yancika kwizinyembezi zomunye umuntu”, kusho u-Asanda.
U-Asanda ukhule kwaNongoma lapho eqale khona ukufunda amabanga aphansi ekuThokozeni Primary School esigodini sakwaNjoko wabe esedlulela eNsimbini Secondary School esigodini saseBuhleni khona kwaNongoma.