Masidudane Ngokuhle
Ngiyakubingelela mfundi walengosi yabaNqobi. Ngifisa ukukukhumbuza ukuthi ubalulekile futhi kunesizathu ukuthi uJehova akugcine kuze kube manje. Namuhla bengifisa ukugqugquzela umoya wokududana ngokuhle. Ngake ngathi ngishayela kweminye imigwaqo kwesinye isifundazwe ngathola ukuthi kutelekiwe. Umphakathi ufuna izimfuno zawo uvale umgwaqo ushisa amathayi. Okwaba kubi ukuthi base bejikijela izimoto ezishayelwa abantu abangahlangene nesiteleka. Lento ngiyibuka njengokududana ngento embi. Angisho ukuthi abantu bengafuni izimfuno zabo kodwa kumele sikwenze ngokungacekeli phansi impahla yomuntu ongahlangene nokwenzakalayo. Ngiye ngingasiboni isizathu sokushisa uMtapo wolwazi ngoba sifuna amanzi. Siwashiselani amafemu nezitolo uma sifuna izidingo zomphakathi. Lento isibuyisela emuva kakhulu. I- ambulance izongena kanjani uma sesigqobhoze umgwaqo.
Ngiyafisa ukuthi zonke izinqumo esizithathayo empilweni sibheke umthelela wazo ngengomuso. Izinqumo esizithathayo zinomthelela ezimpilweni zethu nezezingane zethu. Kungenzeka lokho singakuboni manje kepha emuva kwesikhathi kuzovela. Ake sikhuthaze umoya wokududana ngokuhle ukuze kushintshe izimpilo zethu nemindeni yethu. Ake sidudane ngokusungula izinto ezinhle nokuphila impilo eqondile. Sidudane ngokufunda. Sidudane ngokusizana. Ake kuvunguze umoya wokubambisana emindenini nasemphakathini. Kuqala ngawe nomunye nomunye. Asibe yizibonelo ezinhle.
Inkosi ikubusise kufezeke amaphupho akho amahle azoshintsha impilo yakho.
Boni Mahlinza
Author, Motivational speaker & Entrepreneur.