Izindaba

I-Metro FM Izogadla Ngo-Proverb No Lootlove Kowe-MMA24

Abasakazi ababili abayizintandokazi zabalaleli ku-Metro FM uTebogo ‘Proverb’ Thekisho no Luthando ‘Lootlove’ Shosha sebejutshwe ukuba ngabaphathi bohlelo emcimbini i-Metro FM Music Awards 2024 (MMA24) wokuklomelisa abaculi yilesi teshi ongomhlaka 27 Ndasa eMbombela Stadium eMpumalanga.

U-Proverb oke wethula uhlelo i-Idols ku-Mzansi Magic uthe ujabule kakhulu ngokunikwa ithuba elihlonipheke kangaka. “Ngizizwa ngihloniphekile ngokunikwa ithuba lokuphatha umcimbi we-MMA24. Umculo waseNingizimu Afrika usuvuthwe ngokwanele, kanye nendaba exoxwa ngawo iyakhula lokhu ukubona ngabo abaculi abaqokwe kulomcimbi”, kusho u-Proverb.

Lo msakazi wenza uhlelo lwasemini noLerato Kganyago ku-Metro FM i-Midday Link Up phakathi kwele-12 emini kuya kwele-3 ntambama ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

U-Lootlove owenza uhlelo lwantambama i-Touchdown no Thabo ‘Tbo Touch’ Molefe naye ukuthakasele ukuqokelwa ukuba ngomunye wabaphathi balomcimbi okulindeleke ukuba ube sezingeni eliphezulu. “Ngithobeke kakhulu ngokuthenjwa ukuthi ngiphathe uhlelo lomcimbi omkhulu kangaka okokuqala ngqa empilweni yami. Lokhu kusho ukukhula kimina ngokomsebenzi. Ngikubheke ngabomvu ukujabulisa abantu nokushiya izinkumbulo abangasoze bazikhohlwe ngokubambisana no-Proverb. Sizobambisana ukwenza umlingo”, kusho u-Lootlove.

Abanye abazokwethula iziqephu zalomcimbi ezindaweni ezihlukene khona enkundleni, u-Lamiez Holworthy owenza i-The Penthouse Sessions kuyona i-Metro FM noZanele Potelwa owenza uhlelo i-Afternoon Drive ku-5FM bazobambisana ukwenza izingxoxo nabanqobile mabeqeda nje ukuphuma e-stage.

Ku-black carpet exhaswe abe-Motsepe Foundation kuzobe kunenkakha ekuphatheni izinhlelo ezibukhoma, ephinde yenze uhlelo lwasekuseni ku-Metro FM i-Best Mornings uSabelo ‘DJ Sabby’ Mtshali nomethuli wezinhlelo ku-SABC 1 uNomalanga Shozi abazobe bexoxa nosaziwayo nezicukuthwane ezizobe zithamele lomcimbi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.