Izindaba

‘Uhlanyiswa’ Intombi Esencane, Uhlukanisa Nomkakhe Owe Shongwe & Khuphuka Saved Group

UMfundisi Elias Shongwe ongumsunguli weqembu lomculo lasEswatini alihlanganise ngo-1996 iShongwe & Khuphuka Saved Group, usezinhlelweni zokuhlukanisa nomkakhe ukuze ashade nentombazane esencane eyingxenye yekwaya ebandleni lakhe. Kuthiwa lokhu sekususe umsindo emzini kaShongwe njengoba unkosikazi wakhe engafuni nakuyizwa indaba yesehlukaniso.

Ekhuluma nephephandaba lakhona Eswatini uShongwe, i-Swaziland News uvumile ukuthi ikhona into enjalo kodwa kuyinto ejwayelekile kuyo yonke imindeni. “Iqiniso ukuthi angiboni ngasolinye nomkami kodwa asikaluqali uhlelo lokwehlukanisa..ew tindzaba tigijima kakhulu sebakutjelile”, kusho uShongwe oke waba ilungu lephalamende kuleliyazwe.

Embikweni we-Swaziland News kuvela ukuthi sesiside impela isikhathi kukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kwalabashadikazi ngalendaba esize yakapakela kwamanye amalungu omndeni nabangani. Kuthiwa ngesikhathi kulungiselelwa i-album yeqembu entsha ethi Ukhona Nkulunkulu inkosikazi kaShongwe ayifikanga kuthwetshulwa isithombe se-cover.

Izihlobo nabangani abasondelene nenkosikazi kaShongwe abakhulume neSwaziland News bathe ukube kuya ngaye uShongwe ngabe isiphothuliwe indaba yesehlukaniso kodwa ibanjezelwa unkosikazi wakhe ngoba unethemba lokuthi kuzoxoxwa, igwemeke.

Lona wesifazane oneminyaka engamashumi amathathu (30) owaziwayo igama lakhe kuthiwa ‘uyamhlanyisa’ lo Mfundisi ongumholi webandla i-The Light of Christ Church Ministry ophinde abe ngumnumzane ohlonishwayo ngakubo eMatshapa njengoba engasafuni lutho olumhlanganisa nomkakhe.

*Esizithole sesishicilelela loludaba zithi okuyikhona okwenza uShongwe angafuni lutho olumhlanganisa nomkakhe yikuthi ubemfihlele ukuthi batholana enengane. Sonke lesikhathi kunengane [uShongwe] abezitshela ukuthi ekadadewabo kankosikazi wakhe osekuvela manje ukuthi empeleni eyakhe unkosikazi, uyithole engakahlangani noShongwe,

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.