Owazalwa Nesifo Esingajwayelekile Ubonge U-Ayanda Msweli Ngomnikelo Wesihlalo Sika-R33 800
UNosiphiwo Khumalo wase-Oliviershoek e-Bergville onesifo sokungakhuli kwamalungu omzimba nokungahambi (dwarfism) ufikelwe zinyembezi zenjabulo ngesikhathi kuphenduleka imithandazo yakhe yeminyaka. Lokhu kwenzeke emuva kokuba kuthe ngoMgqibelo umethuli wesimo sezomgwaqo kuKhozi FM, u-Ayanda Msweli wamnikelela ngesihlalo esinamasondo esibize R33 800, esisha ceke.
UKhumalo utshele UMKHAYA ukuthi ubesebhalele bonke abantu abakhulu ezweni ongabacabanga kodwa kakho noyedwa oke wamphendula. “Ngibhalelile ezindaweni eziningi ezehlukene kepha angisizakalanga, ngisho naku mengameli wezwe ngazama ngehluleka ukumthola”, kusho uKhumalo.
UKhumalo oneminyaka engamashumi amathathu nesikhombisa (37) utshele UMKHAYA ukuthi ngesikhathi eyilungu le-ward committee elimele abakhubazekile ku-ward 8 ngaphansi kukaMasipala wasoKhohlamba wayenethemba lokuthi uzosizakala.
“Yize ngiphila nokukhubazeka kodwa angisiye umuntu ovilaphayo, ngangokuba ngike ngabamba iqhaza kwi-ward committee ngoba ngikhathalele intuthuko.
“Nginenhlangano engiyiqalile i-Onesiphiwe Foundation nengihlose ngayo ukuqwashisa abantu ngezindlela ezahlukene zokukhubazeka, nokuthi kuphilwa kanjani nabantu abakhubazekile. Ngihambela imitholampilo, amasonto, izinhlangano ezisiza umphakathi ezizimele nezingaphansi kukaHulumeni nemihlangano yemiphakathi ejwalekile”, kuchaza uKhumalo.
Edlulisa amazwi okubonga uthe: “ Ngibonga kukhulu abantu baseNingizimu Afrika, osomatekisi kanye no-Ayanda Msweli okunguye owenze iminyakazo yokuthi ngithole lesihlalo sikagesi engikade kwasa ngikhala ngayo”.
Abangafisa ukumsiza ngolunye usizo bengaxhumana naye kulenombolo: 078 446 9042 noma babhalele ku-email ethi: nosiphiwekhumalo351@gmail.com