Omunye Umholi Wepolitiki Uphosela Inselelo Isiko LamaZulu Lokuhlolwa Kwezintombi
Umholi osemkhandlwini ophezulu ku-DA, ophinde abe ungqongqoshe wezeMpilo e-Western Cape, uDkt. Nomafrench Mbombo uselihlabe walihlikiza isiko lamaZulu lokuhlowa kwezintombi. UMbombo osebe ngungqongqoshe wezeMpilo kulesiya sifundazwe kusukela ngo-2015 kuze kube manje uthe leli siko alenzi mehluko ekunqandeni ukuthelelana ngezifo zocansi kanye nokuhlukunyezwa kwabesifazane abasebancane.

Isithombe: Dkt. Nomafrench Mbombo
YINI ISIKO LOKUHLOLWA KWEZINTOMBI?
Leli isiko elidala kakhulu lamaZulu. Liqinisekisa ukuthi izintombi ezingakaze ziye nabafana ocansini ziba ingxenye yokugabisa ngobuntombi bazo phambi kweSilo samaZulu esisuke sibusa kanye nasesizweni sonke, okuye kwenzeke minyaka yonke eMkhosini woMhlanga esigodlweni sasEnyokeni kwaNongoma, enyakatho yesifundazwe kwaZulu-Natali. Njalo ngonyaka izinkumbi zezintombi ziye zihambise umhlanga emabuthweni eSilo, lowo mhlanga uye usetshenziswe ukuvuselela ukubiya umuzi wenkosi.
Phambilini izintombi zaziwukha zona umhlanga ziwuse emabuthweni kepha ngenxa yokwanda kwenani lezintombi ezihambela lomkhosi, manje seziwufica usukhiwe. usubekiwe endaweni ephephile eNyokeni. Konke kwenziwa ngenxa yenkolelo yokuthi izintombi nto zinobungcwele ngakho nesigodlo senkosi kumele sithole ukuqinq okulethwa ilobu bungcwele.
Eminyakeni eminingi edlule ukuhlolwa kwezintombi esigodlweni Enyokeni nokuphathwa komhlanga bekuyisiko lamaZulu kuphela kodwa manje nezinye izinhlanga sezibungaza kanye nesizwe samaZulu Enyokeni njalo ngoNtulikazi. Izintombi zasezweni elingomakhelwane kuleli Eswatini ziyawuhambela nazo umkhosi womhlanga.
ZIHLOLWA KANJANI IZINTOMBI?
Uma kuqhutshwa isiko lokuhlola izintombi into eba phambili inhlanzeko. Nakuba abahloli besebenzisa izindlela ezihlukene zokuhlola izintombi kodwa okujwayelekile ukuthi owesifazane uye alale phansi abheke phezulu bese evula amathanga, kubonakale sonke isitho sakhe sangasese. Ohlolayo uzobe esenweba isitho sowesifazane ukuhlola ukuthi ‘iso’ lisekhona yini, okuyilo eliba ubufakazi bokuthi lowo ohlolwayo useyintombi nto. Leli so libuye libizwe kuthiwe ‘inkomo kamama’ ngoba uma intombi ibe nenhlanhla yathola isoka elizoyilobola liye likhiphe ‘inkomo kamama’ kweziyishumi nanye izinkomo elilobola ngazo.
Abanye abahloli baye basebenzise ukutshezi (amanzi), bakhe ngenkomishi, kuthi eselele ebheke phezulu owesifazane bese bethela amanzi phezu kwesitho sakhe sangasese. Uma amanzi lawo engene wonke esithweni sowesifazane kuchaza ukuthi akaseyona intombi. Ngokwabo ahlolayo kumele okungenani kungene inkeshezane yamanzi uma ohlolwayo engakayi nowesilisa ocansini.
UMVUZO WOKUHLOWA KWEZINTOMBI
Yize leli siko ligxekwa izinhlangano eziningi ezilwela amalungelo abesifazane emhlabeni njengoba bekhala ngokuthi lihlukumeza ilungelo labesifazane kodwa kwaZulu lingelinye lamasiko agcinwayo. Okwenza kubaluleke kwaZulu ukuqhuba leli siko ukuthi kubonakele ukuthi linomphumela omuhle njengoba linika abesifazane abesabancane ithuba lokufunda ngokuziphatha, libambezela ukukhulelwa kwabesifazane besebancane kanye nokugwema i-HIV/AIDS nezinye izifo zocansi.
Okunye okunconywayo ngesiko lokuhlolwa kwezintombi ukuthi sekutholakale inqwaba yamantombazane abedlwengulwa engasho emakhaya ngoba esaba kuze kuvele uma esephambi kwabahloli.
BAKHONA ABANYE ABAKE BALIPHOSELA INSELELO LELI SIKO
Akuqali ukuthi liphoselwe inselelo abezepolitiki lelisiko njengoba kuthe ngo-2013 uphiko lwabesifazane ku-ANC, i-African National Congress Women’s League (ANCWL) ngomlomo wobengumemngameli wayo uNkk. Angie Motsekga efanise isiko lokuhlola izintombi njengesiko lokuthwala. UMotsekga wathi leli siko alihlukile kwamanye acindezela abantu besifazane njengalo elokuthwala, ukushadiswa ngenkani, ukungenwa abafowabo bendoda mayishona namanye acindezela abantu besifazane.
Emuva kokuphawula kwakhe ngaleli siko uMotsekga wathola okukhulu ukugxekwa omama nezinhlangano ezihlola izintombi. UNomagugu Ngobese weNomkhubulwane Cultural Institution wabuza ukuthi ungubani yena uMotsekga ukuthi abatshele ukuthi abazikhulise kanjani zingane zabo. “Ucabanga ukuthi ungubani ukuthi angasitshela ukuthi sizikhulise kanjani izingane zethu. Isiko lethu sizohlale silivikela”, kubhoka uNgobese ngolaka.
Ngo-2005 iphalamende laseNingizimu Afrika like lalisikaza ngejozi nalo leli siko njengoba belisezinhlelweni zokuphasisa umthethosivivinywa owawubuyekeza ukuhlolwa kwezintombi ezineminyaka engaphansi kweshumi nesithupha (16). Ngokwalo mthethosivivinywa izintombi ezineminyaka engaphansi kweyi-16 kwakungafanele zihlolwe, bese kuthi ezineminyaka engaphezu kweyi-16 kutholakale imvume ngaphambi kokugcina leli siko.
Lo mthetho sivivinywa wachithwa abaholi bendabuko.
[Olunye ulwazi lutholakale ku:www.iafrika.org]