Owenza Umgosi KuKhozi FM Usedayisa Izingubo Ze-MK Party
USABELO ‘Ntombeziningi’ Sithole owethula umgosi ohlelweni lukaMandla ‘Njinji’ Magwaza kuKhozi FM usedayisa izimpahla zokugqoka zeqembu lepolitiki i-MK Party. Lonontandakubukwa osebudlelwaneni bothando nomculi kamaskandi uthe izitabane azisondele kuleli qembu elingelokuqala ngqa ukuba ne-logo yazo ngoba zibalulekile. “uMkhonto WeSizwe ubiza wonke umphakathi we-LGBTIQ+. Sesine-logo ethi thina ngoba sibalulekile.. iqembu lokuqala lepolitiki elithi sibalulekile”, kusho uNtombeziningi.
Kuzokhumbuleka nokho ukuthi i-Democratic Alliance ilona qembu lokuqala elingakaze likufihle ukuthi linabaholi abayizitabane, abanye abanezikhundla eziphezulu kuhulumeni njengeMeya yakumasipala waseMngeni negaqele isikhundla sikaNdunankulu wakwaZulu-Natali, uMnuz. Chris Papas. I-ANC nayo inezinhlaka ngaphakathi ezimele abantu abayizitabane kanti basanda kubonakala ohlwini lwayo lwabaya kwizishayamthetho zezifundazwe nasephalamende likazwelonke. Ohlwini lwabe-ANC abaya kuzwelonke kunezitabane ezintathu o-Steve Letsike, Eugene Manana no Palomino Jama.
Â
Kuzokhumbuleka futhi ukuthi ngesikhathi i-IFP yethula izethembiso zayo zokhetho eThekwini omunye wabebephethe uhlelo bekunguSomizi Mhlongo oyisitabane esidala nobekuyisahluko esisha kuleli qembu elaziwa ngokulandela inqubo yesintu.