Izindaba

Owahlukumeza Ababeye Kwinhlolakhono E-Bat Centre Uthi ‘Maluju’

UNompilo Mwelase ongumlingisi wemidlalo kamabonakude owayeyinxenye yethimba le-Black Brain Pictures kaMandla N elalenza inhlolakhono evulelekile yokulingisa eBat Centre eThekwini useveze ukuthi uyazisola ngendlela aziphatha ngayo ngesikhathi kuqhubeka inhlolakhono. Lo mlingisi obonakala ku-Generations The Legacy edlala ku-SABC 1 kulezinsuku ubhale kanje ekhasini lakhe lika-Facebook.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMasingana nonyaka abe-Black Brain Pictures babize abantu abanesifiso sokulingisa emidlalweni ekhiqizwa yibo kwinhlolakhono eyayise-Bat Centre. Kulenhlolakhono iningi labantu labuya likhala mi izinyembezi ngendlela ithimba elalenza inhlolakhono elalibaphethe ngayo. Okuwuyena okwaphunywa naye iqhubu uNompilo okuthiwa wayeyiqhude engenasineke sokubatotosa.

Ngokusho kwe-blogger ebuye ibe umlingisi uSphesihle Hadebe wathi: “Kubuhlungu ukuthi umdidiyeli wemidlalo [Mandla N] ohlonishwa kanje ngomsebenzi wakhe, ithimba lakhe libone ukuthi aliphathe abantu njengamasi#@*&mba.

Sekuyinto yakhona vele ukuthi uma i-Black Brain Pictures yenza inhlolakhono, noma kanjani abantu bazophuma bekhala”, kusho uHabede emuva kwayo lenhlolakhono.

Kuthiwa abantu ababebalelwa ku-2000 kuya ku-3000 ababegcwele e-Bat Centre iningi labo abakwazanga ngisho ukusho izinto ababezilungiselele zona isonto lonke ukufike bezenze kulenhlolakhono ngoba uNompilo obuye alingise ku-Skeem Saam ku-SABC 1, wayevele ememeze ethi “olandelayo” umuntu engakavuli ngisho umlomo.

Usomahlaya waseThekwini uSimthande Myeza waphathwa ukhwantalala emuva kokuba ebe ingxenye yalenhlolakhono. Naye wabhala ezinkundleni zokuxhumana indlela aphatheka ngayo kulenhlolakhono njengoba naye njengabanye wathi eqeda kungena egunjini elalinethimba elihlolayo, kwathiwa “olandelayo’. Ngokusho kwakhe akaze aphoxeke ngaleyandlela empilweni yakhe, “Ngangizibuza ukuthi hlampe ngimubi kakhulu yini? Angifuni ukukhuluma ngabanye abantu, kodwa ngahlukumezeka ngendlela yokuthi ngangikhala indlela yonke ngibheke ekhaya. Angisho ukuthi bekufanele ngiphathwe ngendlela ehlukile kodwa ukube benginikezwe ithuba ngenze ebengizilungiselele ngakho bekuyoba ngcono kakhulu”, kusho uSimthande.

Ekhasini lakhe laku-Facebook uNompilo ubhale wathi: “Abangazi ngisahaya izinkondlo bayazi ukuthi bengiwumuntu ovuleleke kanjani ngendlela engenza ngayo izinto. Inhloso yami bekuwukuhlale njalo ngigqugquzela abanye ukuthi besebenze ngokuzimisela. Kuningi nami okungehlele okuhle nokubi.

Bengingazitsheli ukuthi kuzokwenzeka into enje kubantu egameni lami kulonyaka. Impela bengingakucabanganga lokhu. Ngimcasukele kakhulu uNkulunkulu. Umbuzo omkhulu ebenginawo kuye ngothi kungani, kungani enze lokhu kimina ebe eyazi inhliziyo yami?”, kubuza uNompilo.

Eqhubeka echaza uthe naye akazi kwenzakalani kuleya nhlolakhono kodwa kukhona into eyashintshayo ngaye angeke ayichaza naye. “Ngalesa sikhathi ngangenza engangicabanga ukuthi kulungile futhi yikho okufunekayo ngakhohlwa into eyodwa ukuthi ngangisebenza ngabantu abanemizwa, abanezinto eziningi ezibehleleyo empilweni kanti abanye basebenzise okokugcina abanakho ukuya kuleyanhlolakhono.

Ngesikhathi ngibheka esasikufuna kwinhlolakhono ngaphelelwa isineke ngagcina ngisebenzisa intando yami ngakhohlwa umuntu onginike ithuba, okuwuNkulunkulu”, kusho uNompilo.

Uthe nakuba ebethule isikhathi eside kodwa beyimhlupha lento eyenzeka e-Bat Centre. “Bengingafuni ukuba mude, ngihlushwe umoya ongasavumi ukuthi ngiqhubeke engathi akwenzekanga lutho kube kunabantu abakhala egameni lami. Bengingathule ngoba ngithule, bengisazihlola ubumina, ngifuna izeluleko futhi ngixoxisana nami uqobo. Ekugcineni bekumele ngibhekane nalendaba sengicabange kahle, ngingaxolisi ngoba kulindelekile ngoba nakhu udaba lusashisa futhi lusematheni. Bengifuna lokhu kusuke ekujuleni kwenhliziyo yami”, kusho uNompilo.

Eqhubeka ekhasini lakhe uthe kubobonke abantu ababeze kunhlolakhono eyeyise-Bat Centre futhi abangaphathekanga kahle ngenxa yakhe, “maluju” ayidle izishiyele.

“Kubobonke ababekwinhlolakhono eThekwini futhi bangaphatheka kahle, ngiyaxolisa. Ngangingalwi namuntu futhi akusoze kwaba njalo. Ubuhlungu enabuzwa ngiyabazi futhi kungizwisa ubuhlungu mina ukuthi ngithi ngibazi ubunzima kubuye kube imina enginizwisa bona. Sengiyisebenzile leyo ndawana kimi, indlela engizichaza ngayo ngobuso uma ngisemsebenzini, ukufunda ukungaphelelwa isineke, inhliziyo encane nokuba nomoya omuhle kubantu.

Sengathi ningaphinde nivuke nizithathe niphokophele phambili, niqhubeke nizame iphupho lenu lime njalo. UNkulunkulu athele umusa”, kuphetha uNompilo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.