Imibono

“Asingacwasani Sodwa, Sibamnyama Sonke”: Umfundi

Ukuphawula engikubona la kule ndaba kungenza ngizizwe ngihlazekile. NginguMzulu impela kodwa kuyangihlaza ukubona amaZulu akithi enza into engiyinyanya kanje, ukucwasa ngokobuhlanga (tribalism).

Ubaba lona ukhuluma into ekumele engabe ibonwa ngisho nayingane ububi bayo. Abahleli bemidlalo kamabonakude akufanele bethi uma behlela imidlalo bese bekhohlwa ukuthi izwe lethu linezilimi eziyishumi nanye (11).

Mina ngihlala eGoli, uyabona indlela esiphathwa ngayo la thina esingamaZulu ave ibuhlungu, siphathwa ngathi asibona abantu, sicwaswa yonke indawo. Mawuke wafika endaweni bathola ukuthi wena ungumZulu bazoqala ukukuvezela ukuthi abakufuni, uyisilima, awunangqondo, konke nje lokho, neminye imisebenzi angeke uze uyithole ngoba nje ungumZulu.

Kodwa lokho akufanele kwenze sibone engathi kuhle ukucwasa, ekugcineni sonke singama-Afrika, singabaseNingizimu Afrika sonke. Ngaphezulu kwalokho uma umhlaba usibandlulula kumele sifunde ukungabandlululani sodwa ngenxa yokuhlukana kobuhlanga, amasiko nolimi.

Buhle Myeza

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.