Ukhozi FM ne Jozi FM Bayizithupha Ziya Egwayini
Izinombolo zakamuva ze-RAM Amplify ziveza ukuthi umsakazo Ukhozi FM usalalelwa kakhulu uma uqhathanisa neminye imisakazo ebizwa nge-Public Broadcast Service (PBS) ne-Public Commercial Stations (PCS). Ngokwalezi nombolo Ukhozi FM lulalelwa abantu abantu-7.7 million. I-Metro FM ilele isibili kuloluhlu ngabalaleli abantu abangu-4.7 million, yona ilandelwe Umhlobo Wenene FM ngabalaleli abangu-4.3 million.
Okugqamile ngaloluhlu ukuvela komsakazo wakwaZulu-Natali iGagasi elilele kunombolo 9 ngabalaleli abangu-1.4 million.

Umsakazo womphakathi osakazela eGoli iJozi FM yona izidlela amahlanga ngabalaleli emisakazweni yomphakathi njengoba izinombolo zakamuva zikhomba ukuthi ilalelwa abantu abangu-450 000. Kulindeleke ukuba zinyuke kakhulu izinombolo zabalaleli be-Jozi FM njengoba isijoyinwe u-Penny Ntuli osuka emsakazweni waseThekwini iGagasi FM.
Ngosuku lokuqala efikile u-Penny ku Jozi FM abantu abaningi bakwaZulu-Natali bafudukela kuwona lomsakazo kanti namakhasi awo ezinkundleni zokuxhumana anyukelwa abalandeli. U-Penny wenza uhlelo lwaphakathi lwaphakathi nesonto olungena ngehora lesi-9 ekuseni kuya kwele-12 emini ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. Abantu bakwaZulu-Natali i-Jozi FM bayilalela kuma-App emisakazo kanye naku-channel 878 ku-DStv.
Umsakazo wakwaZulu-Natali Izwi Lomzansi wona ulele isibili kweyomphakathi ngabalaleli abangu-288 000, bese endaweni yesithathu kube iThetha FM yaseGoli ngabalaleli abangu-216 000.
Esinye isiteshi sakwaZulu-Natali i-Radio Khwezi okuyisona ebesilokhu sizihola phambili ngabalaleli kuleminyaka edlule esifundazweni emisakazweni yomphakathi kulokhu sisele emuva njengoba sidlulwe iziteshi eziningi esezingaphambi kwaso. Kuloluhlu i-Radio Khwezi ikunombolo-14 ngabalaleli abangu-109 000. INongoma FM ikunombolo 6 ngabalelu abantu abangu-149 bese i-Icora FM ilalelwe abantu abangu-130 000.
Esinye isiteshi esikhuphule amasokisi kwaZulu-Natali iMaputaland elalelwa abantu abangu-120 000, ngokwaloluhlu ilele kunombolo 11.
