Izindaba

UMthandeni Uthi Kanagqubu No-Zimdollar

Umculi kamaskandi osematheni kulezi nsuku uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele uthi ungumuntu obathandayo abantu besifazane futhi kuyaziwa lokho. Lomculi ukhuluma kanje emuva kwesigameko esenzeke ngoMgqibelo emcimbini i-Mother Of All Maskandi Music Festival e-Peoples Park eThekwini lapho ehilizisane no-Zimdollar kubangwa isikhathi sokucula. Kwi-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana kubonakala u-Zimdollar eya ngoshova kuMthandeni ephekezelwa abaqaphi bakhe, mayefika kuye amhlwithe umbhobho athi uyakhuluma lomculi athi u-Zimdollar ‘voetsek’.

UMthandeni uthi ufuna ukucacisa ngalesigameko ngoba abantu batshewle into okungesiyona. Phambilini u-Zimdollar uthe uMthandeni kwakumele anandise ngehora lesikhombisa kodwa yena wafika sekugamenxe ihora lesishiyagalolunye ebusuku, nakhona lapho wafuna ukungena ngenkani e-stage yize wayetshelwa ukuthi ngeke esanandisa.

Echaza uMthandeni uthi wafika sekudlule imizuzu engamashumi amathathu esikhathi sakhe sokunandisa kodwa wahlala isikhathi esingaphezu kwehora emotweni ithimba ayefike nalo lisaxoxa nabahleli ukuthi angene yini nakuba wayefike sekwedlule isikhathi. Uthi kungamanga aluhlaza ukuthi wafika no-DJ wakhe e-stage njengoba sekukhulumekile. “Iphutha lami kwaba ukufika sekudlule isikhathi ngemizuzu engamashumi amathathu. Into eyenzekayo leyo emicimbini futhi kuye kuxoxiswane mase kwenzekile. Ngiyaxolisa ngokufika sekwedlule isikhathi, kwaba iphutha”, kuchaza uMthandeni.

U-Zimdollar uzwakale exolisa kubalandeli bakhe nakubalaleli boKhozi FM echaza khona ukuthi lolu daba waluthatha ngesinxele. Naye uMthandeni uthe ufuna ukumxolisela u-Zimdollar kubantu ababembuka ebhenguza.

“Ngifisa ukuqale ngixolisele udadewethu kubantu ababekulowa mcimbi nesizwe sonke sakwaZulu nomphakathi wonke. Ngesikhathi u-Zimdollar ethi ‘votsek’ kimina ngiyazi kunabantu abangibuka njengomuntu ontekenteke, osewaba ipansula. Ngifisa ukumxolisela ngesenzo sakhe. Sengibe kulendima iminyaka eminingi ngakho ngiyaqonda ukuthi ukuziphatha kwakhe kwakudalwa ingcindezi ayekuyo”, kusho uMthandeni.

Uthe uyazi ukuthi lokhu okwenzeka kwakuhloswe ngakho ukuhlambalaza igama lakhe kodwa ufuna abantu bazi ukuthi yena uyindoda enothando futhi enobungani. “Abantu abaphume umkhankaso wokudicilela phansi igama lami benza izinto ezizongicasula ngenhloso yokuthi ngibukeke njengohlanya olungasile. Bese emuva kwalokho bekhuluma kabi ngami. Mina ngiwumuntu ophansi nje ngokwemvelo, futhi ngiyabathanda abesifazane. Abantu abaningi bayazi ukuthi ngibaphatha kahle kanjani abantu besifazane”, kusho uMthandeni.

“Ngikholwa ukuthi u-Zimdollar wayengaphansi kwengcindezi futhi ingakho ngimxolisela. Ngiyakwamukela ukuphoxeka, ngaphatheka kabuhlungu kodwa ngifuna ukudlula lapho. Siqhamuka endaweni eyodwa, uma abantu bengibona ngizehlisa ngifuna beqonde ukuthi kuyenzeka uma uNkulunkulu ekupha izinto nomsebenzi okufanele uwenze kuyenzeka kube nezithiyo”, kuphetha uMthandeni.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.