Usaqhubeka Nokukhonya Ekuseni U-DJ Sabby We-Metro FM
Nakuba imisakazo eminingi yenze izinguquko ezigqamile ezinhlelweni nakubasakazi bazo kuyacaca ukuthi abanye bebesawenza kahle umsebenzi ezinhlelweni zabo njengo Sabelo ‘DJ Sabby’ Mtshali we-Metro FM. U-DJ Sabby ngokubambisana no-Kandice Kardash, wenza uhlelo lwasekuseni ku-Metro FM i-Best Mornings nokuwuhlelo aqale ukulwenza ngo-2023 emuva kokushiya kuka Mo Flava kulomsakazo eyojoyina i-947 engaphansi kwe-Primedia.
Ngasikhathi sinye esajabulela ukuthi akanyakazi kulolu hlelo lwasekuseni lomsakazi ongowodabuka kwaZulu-Natali, okunye akajabulelayo ukuthi yena nomkakhe uLindi Serame-Mtshali balindele umntwana wesibili ozotetwa kulonyaka njengoba benoyedwa manje oneminyaka eyisikhombisa. Labashadikazi abasebenza ku-Metro FM bobabili, babophe ifindo lomshado ngo-2022.
U-DJ Sabby ubhale ekhasini lomkakhe ku-Instargram ethokozela izindaba zokulindela kwabo umntwana wesibili wathi: “UNkulunkulu unezindlela yokuziveza. Ngiyabonga Hlabangane. Umntwana wami lona ozayo, ngiyafunga uyintombazane”, kusho u-DJ Sabby.
Ekhuluma ngokubuyiselwa kwi-Best Mornings engena nehora lesithupha iphele ngelesishiyagalolunye uthe ukholwa ukuthi okwenza lolu hlelo luhambe phambili ukuthi ithimba asebenza nalo lisebenze ngokuzimisela kulolu hlelo lwasekuseni ngonyaka wokuqala enikwe lona. “Kungijabulisa kakhulu ukuphinde nginikwe leli thuba lokusebenzela izwe lami. Kunezinhlelo esinazo zokunyusa izinga lohlelo, sifisa umphakathi osilalelayo uhlale njalo ulindele uhlelo oluphapheme ekuseni kwi-Best Mornings“, kusho u-DJ Sabby.
Ngaphambi kokwenza uhlelo lwasekuseni ku-Metro FM u-DJ Sabby uke wenza uhlelo obelungena ngehora lesishiyagalolunye ekuseni kuya lweleshumi nambili emini i-The Brigde kanti ngesikhathi enza lolu hlelo ubenza ne-Metro FM Top 30 njalo ngoMgqibelo ngesikhathi esifanayo. Ngale kwalokho ubesesebenze iminyaka eyishumi ku-YFM okuwumsakazo wentsha oseGoli enza izinhlelo ezihlekene.
UNAMAKHONO AMANINGI
U-DJ Sabby uke wabonisa abantu ukuthi uyinsizwa yamakhono ehlukene njengoba eke walingisa emdlalweni kamabonakude othandwa kakhulu yintsha ku-SABC 1, uBettina Wethu. Okunye awumpetha kukho ukuphatha imicimbi njengoba eke waphatha uhlelo lokwethula abaqokelwe ku-Metro Music Awards, i-South African Music Awards (SAMA’s) ne-Clash of the Choirs ebiboniswa kuMzansi Magic.
BATHINI ABANYE NGAYE?
Omunye wabangani bakhe owu-DJ, uBitso Thwala uke waxoxa ohlelweni i-Kas’ Lami ku-SABC 1 ukuthi u-DJ Sabby umazi elokishini laseThokoza eMandeni lapho abeqashe khona nonina obemkhulisa kanzima, esebenza emafemini kwaSithebe. “Udaba luka-DJ Sabby luzoyikhuthaza intsha yaseMandeni ukuthi ingazibukeli phansi, amaphupho ayo azofezeka. Nansi ingane yaseMandeni siyibona isakaza ku-Metro FM okuyiteshi esikhulu eNingizimu Afrika”, kusho uBitso.