Ungalilahli Ithemba Kusazolunga
Kukaningi lapho sithi uma sibhekene nezinselelo sizwe abasiqinisayo besho amazwi athi “Ungalilahli ithemba”. Kwesinye isikhathi lamagama athatheka kancane. Kepha namuhla ngifisa ukuwaphinda kumuntu obhekene nesimo esinzima njengamanje. Into ebalulekile ukukholelwa emyalezweni oqukethwe ilamazwi.
Kholelwa ekutheni isimo obhekene naso sizodlula. Yonke into inesikhathi sayo njengoba kusho incwadi engcwele. Asikho isikhathi esingadluli. Uma kudlula isikhathi kusho ukuthi nesimo siyadlula. Khona izinto obunazo izolo kazisekho namuhla, khona abantu obunabo izolo kabasekho namuhla. Kuningi esingakubalula njengezinto ezidlulile. Okunye bekusijabulisa okunye kusizwisa ubuhlungu. Noma ngabe yini eyenzeka empilweni yethu masingalilahli ithemba ngoba owasidala unenhloso ngathi.
Kungenzeka namuhla ufuna umsebenzi awuwutholi, obubathembile bakuphendukele, uqanjelwe amanga ngezinto ongazenzanga, mhlampe ulahlekelwe yisihlobo okanye othandiweyo wakho. Kungenzeka izinto azihlangani okwamanje. Empeleni noma ngabe isiphi isimo odlula kuso njengamanje ngfisa ungalilahli ithemba. Konke kuzodlula uzojabula nawe uma isikhathi sikaJehova sesifikile. Akakhohliwe nguwe namaphupho akho. UJehova akakuniki umthwalo ongaphezu kwakho. Inkinga nenkinga inaso isixazululo. Okubalulekile ukuthi uzethembe wena kuqala bese uba nethemba lokuthi nalokhu kuzodlula.
Ungachithi isikhathi ubuka izibazi namanxeba empilo kepha zelaphe ngendlela. Amanxeba ayopholeka endleleni. Vuka wembathe amandla akho. Uzonqoba ngoba unguMnqobi. Kuningi osudlule kukho kanti futhi lokho kuwubufakazi bokuthi ikhona into akubekele yona uMdali.
Ungazingabazi. Uphelele yingakho usaphila nanamuhla. Kunabantu abaningi ababukela kuwe nabakwethembile, manje-ke uma usuyekelela uyabona yini usuyabalimaza emoyeni. Faka umoya uphushe ngamandla ungalilahli ithemba. Laba obabona sengathi sebephumelele nabo bake badlula ezimeni ezithile abavelanga bavuka sebesesicongweni. Ungakhohlwa amaphupho akho, phokophela phambili ngoba udalelwe ukunqoba.
UJehova sengathi engakuvulela amathuba amasha. Kukhanye kube nempumelelo.
Boni Mahlinza
Author, Motivational speaker & Entrepreneur