Owayephethe I-stage Kokamaskandi Ukhala Ngokunganikwa Ithuba UKhozi FM
Ukhala ngabantu abagijime baya emsakazweni Ukhozi FM bayokhuluma ngaye kodwa abomsakazo bangambiza yena ukuthi abeke uhlangothi lwakhe, uKhetho Ncushela obephethe i-stage emcimbini obungoMgqibelo e-People’s Park i-Mother Of All Maskandi Music Festival. UNcushela ubebhekene nomsebenzi wokungena kwabaculi e-stage emcimbini okugcine kuhilizisana kuwo u-Zimdollar noMthandeni. Kuthiwa u-Zimdollar waya ngoshova kuMthandeni aphekezelwa abaqaphi bakhe, wahlwitha umbhobho ngenkani kulomculi wathi uyakhuluma wathi kuye ‘voetsek”.
UNcushane uziqophe i-video echaza kabanzi ngokwenzeka kulowa mcimbi nathe ikhona okuyiqiniso elidlula konke lokhu osekukhulunyiwe. “Okokuqala ngifuna ukusho ukuthi u-Zimdollar ngiyamhlonipha njengodadewethu kanti njengoba eyiNazaretha nami ngiyiNazaretha nginesibopho sokumhlonipha. Okunye okungenza ngimhloniphe ukuthi uganile.
“Ngithe ngikhuluma naye ngalo ilanga lalo mcimbi wathi kimi ‘voetsek’ kodwa mina ngeke ngimthuke ngakho njalo ukuthi ngiyamhlonipha. Anginanxa namuntu mina kumaskandi, ngenza okumele ngikwenze”, kusho uNcushela.
UNcushela uqhubeka athi kungamanga ukuthi uMthandeni wadlala esikhathini okungesisona esakhe. Okunye okwenzeka kunabantu ababesohlwini lokuthi befakwe kulowa mcimbi kodwa abangafakwangwa ngoba babengekho [Ezechalaha noMdumazi]. “UMthandeni wafika noMasondo, kwase kuya uMasondo kuKhathide Ngobe wabuza ukuthi ubani odidiyela e-stage wathi uKhathide kuye, yena ungumphathi wohlelo umuntu okuyena odidiyela i-stage uNcushela ngoba kwakuyimi engiphethe i-stage. Wabe eseza kimi echaza ukuthi uMthandeni kade edlala komunye umcimbi manje kungenzeka kanjani ukuthi uMthandeni adlale noma sesidlule isikhathi sakhe, ngamchazela ukuthi akaqale akhulume nabahleli bomcimbi mina ngizokwenza okuzoshiwo ibona. Ngatshela uTshatha noHlongwane esasibambisene nabo ukuthi asilinde abahleli bethathe isinqumo ngoMthandeni, asingasho lutho thina. UMasondo aye kubona abahleli bona bathatha isinqumo bangabe besabuyela kimi njengomphathi we-stage.
“Umuntu owayezodlala kuqala kunoMthandeni kwakuzoba uKhuzani bese kulandela yena uMthandeni kugcine u-Jumbo kubaculi ababeyizimenywa. Babuya bazothi ayi uMthandeni ngeke esalandela uKhuzani sekuzodlala uJumbo. Ngababuza ukuthi uyakwazi lokho uMthandeni?” kubuza uNcushela.
“Ngokuqhubeka kohlelo ngabafonela abahleli ngifuna ukuzwa ukuthi isinqumo sabo sithini ngoMthandeni, alwaze lwaphendulwa ucingo lwami. Ngamfonela kathathu u-Zimdolar wangalubamba ucingo, ngabiza abanye abahleli bomcimbi ngathi niyabo abekho abaculi kodwa kunomculi olungile, ngiyamfaka, yibani ngofakazi. Kwathi ngoba Ezechalaha noMdumazi abekho ngathatha isinqumo njengomphathi we-stage ukuthi akangene uMthandeni ngoba njengomphathi we-stage nginomsebenzi wokujabulisa abantu. Ngamfaka uMthandeni, wafika u-Zimdollar wazocisha umbhobho, wadlubulundela wayophuca uMthandeni umbhobho. Ngayomhlebela uMthandeni ngathi goqa ndoda wangilalela. Lona wafika wamhlwitha wase emthuka. Uqede lapho wadlula nakimi wangithuka yize ngangimkhuza ngithi kayenziwa lento phambi kwabantu bekhokhile waqhubeka wangithuka kunjalo”, kusho uNcushela.
UNcushela uqhubeke wathi uMthandeni ngokwabo wayesevele engeke adlale ngesikhathi sakhe ngoba wayeseshintshiwe. “Kwakumele bengitshele uma base benohlelo lokuthi angangeni uMthandeni”, kusho uNcushela.
UNcushela ugxeke umsakazo Ukhozi FM obungomunye wabaxhasi balomcimbi ngokungamniki ithuba lokuchaza uhlangothi lwakhe ngalolu daba ngoba sekukhulunywe kakhulu ngaye. “Ngiphatheke kabi oKhozini uma besebenzisa igama lami kodwa mina bengangibizi. Ngiyafuna ukugeza igama lami.
“Kuthe esekhulume ngami oKhozini u-Zimdollar ngambhalela umyalezo ngimncokolisa ngathi ‘uyangitalabha’ emsakazweni yena wangithuka wangibiza ngaphansi kweziketi zikamama. Kungiphathe uma u-Zimdollar engithuka ngenhlamba engaka. Wayona lento angithuka ngayo mina angiyazi yaziwa ubaba ngoba ingeyakhe. Ngoba uphezulu kunami ngiyaxolisa kuyena”, kuphetha uNcushela.