EZISEMATHENIIzindaba

Kuvunguza Umoya ‘Kasathane’ Ezindlini Zomsakazo I-Jozi FM

Sekungene umoya omubi emsakazweni i-Jozi FM njengoba sekuneqembu labasakazi elikhala ngokuthi uzakwabo obekuGagasi FM, u-Penny Ntuli akaconsi phansi kubaphathi. Phakathi kwezinto okuthiwa zicasula leliqembu ukuthi u-Penny ulandwa imoto kamphathi uMnuz. Mpho ‘Njomane’ Mhlongo eya noma ebuya ezindlini zomsakazo futhi uphethwe njengeqanda.

U-Penny Ntuli ufike ku-Jozi FM emuva kokungaboni ngaso linye ngeholo lika-R2 800 nomphathi wakhe kuGagasi FM njengoba lesiteshi besilungiselela ukushintsha izinhlelo nabasakazi onyakeni ka-2024/25. Emuva kwalokho kube nomsindo ezinkundleni zokuxhumana wonke umuntu ekhuluma ngaye. Bebodwa abamsolayo ngokushiya umsebenzi obuyithuba lakhe lokuqhubeka nokugqama. Abanye bebemeseka ngesinqumo sakhe sokushiya iGagasi FM, besola abaphathi balo msakazo waseThekwini ngokuba namakhanda alukhuni.

Kuthiwa into ecasule kakhulu ozakwabo baka-Penny ukuthi uphethwe njengendlovukazi njengoba eyisitatamiswa nje. Kuthiwa uNjomane umbeka emsebenzini amlinde asakaze aqede bese emthatha emphindisela lapho ehlala khona uma engamuyisanga e-Disoufeng noma ezindaweni eziphambili neziheha izivakashi ezikuVilakazi Street ukuyodeka naye amatafula.

Umthombo ophawule ngalendaba uthe: “Uyiswa ezindaweni zokudla abangayiswa abanye kuzo, uyiswa e-Disoufeng noma kuyodliwa kulezindawo zezivakashi ezikuVilakazi Street. Siyavuma musha eSoweto nakhona nje eGauteng kodwa ngazuthi abaphathi baqala into abangeke bayimele ngokuhamba kwesikhathi”.

UNjomane uvumile ukuthi imoto iyamhambisa lomsakazi emsebenzini iphinde imlande, wabalula kodwa ukuthi isuke ihamba umshayeli wakhe. “[U-Penny] uhamba nomshayeli wami, ngesizathu sokuthi i-Soweto akakayazi, uyamlanda futhi mayeqeda”, kusho uNjomane.

UNjomane uke wezwakala echaza ukuthi kungani athatha isinqumo sokuqasha u-Penny ku-Jozi FM. Kwezinye zezinto azibeka wathi ikhono lakhe alikwazi ukuyekwa nje kuphele kanjalo ngalo futhi umsakazo womphakathi uyalidinga lelithalente. Uthe bamqashele amakhono akhe ehlukene kanye nethalente analo u-Penny futhi bafuna ukumkhulula enze izinto ngendlela aphiwe ngayo.

‘Uyabagqugquzela abantu abaningi uma bebuka indlela akhule ngayo, abanye bakhuthazwa ibanga aselihambile kulomkhakha onamathuba anqabile kangaka”, kusho uNjomane.

UNjomane uqhubeke wathi selokhu efikile u-Penny ku-Jozi FM ubenza beshintshe ukwenza, bengenzi izinto ngendlela endala. Uveze ukuthi kumanje balandelwa zinkumbi ngenxa yakhe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.