Izindaba

“Abangasikhulumi IsiZulu Bayafa Indlala Kwezokulingisa Kuleli”: Seputla Sebokgodi

Owayedume ngo-Kenneth Mashaba ku-Generations, uSeputla Sebokgodi uthi kunzima emkhakheni wezokulingisa eNingizimu Afrika njengoba ziningi izinselelo ababhekana njengabadlali bemidlalo kamabonakude. USeputla usedlale emidlalweni kamabonakude eminingi kuleli okubalwa kuyo i-Scandal!, Rhythm City, Gomora, The River neminye.

Ngesikhathi ekhuluma kwi-podcast ka-David Mashabela i-King David podcast, uthe inselelo enkulu ebhekana nabalingisi abaningi ukuhluleka ukukhuluma ulimi lwesiZulu. Utshele uMashabela ukuthi usephuthwe umsebenzi emidlalweni emihlanu ngenxa yokuthi akakwazi ukukhuluma isiZulu. “Sengiyeke imidlalo emihlanu kulonyaka nje uwodwa ngenxa yokuthi bonke bebengibuza ukuthi “Usikhuluma kahle yini isiZulu?” Ngiyakutshela mfowethu uzobulawa indlala uma ungasazi isiZulu. Ngingakunika isigidi uma ungangikhombisa umdlalo owodwa we-TV ongenawo amaZulu. Uma ungasazi isiZulu eNingizimu Afrika uyinto efile. Indlela izinto eziyiyona”, kusho uSeputla.

Ngo-2022 uSeputla unqobe i-award yesibili ku-South African Film and Television Awards (Safta) ngokudlala kahle indawo kaMoses emdlalweni i-Republic. UMoses ubengumholi ngesikhathi kuqhubeka izibhelu zaseSoshanguve ngo-2018. I-award yokuqala yama-Safta uyithole ngo-2010 ngendawo kaMashaba abeyidlala ku-Generations.

Lo mlingisi obuye abe umculi wezingoma zokholo unenkampani yokuqopha umculo iSeputla Records kanti useneminyaka engamashumi ayisithupha nambili (62) manje. Ungomunye wosaziwayo ongenayo inhlanhla yokuhlala isikhathi emshadweni njengoba yena eseshade kwaze kwaba kathathu kanti unabantwana abane abazalwa omama abahlukene.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.