Izindaba

U-BI Phakathi Unikele Ngo-R15 000 Kowaduma Ngesithombe Sesinkwa Sakwa-Albany

Emasontweni edlule uLungisani Mjaji owumthwebuli wezithombe uveze izindaba ezithuse abaningi ukuthi selokhu kwasabalala isithombe ayesishuthile somshana wakhe [uLethukula Mjaji] ephethe isinkwa sakwa-Albany, lenkampani ebhaka izinkwa ayikaze imkhokhele lutho.

Lokhu kususe okukhulu ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana abantu bebabaza unya lwalenkampani.

Kuthe kusabatshazwa lokho usomabhizinisi odumile ophinde abe i-influencer ezinkundleni zokuxhumana uMnuz. BI Phakathi wabhala ekhasini lakhe ku-Facebook ukuthi uma engase athole ama ‘likes’ angu-100 000 ngombhalo wakhe uzonikela ngo-R15 000 ozoya kuMjaji nomshana wakhe uLethukula. Lokhu kushayelwe ihlombe abantu abaningi kwazise uPhakathi uyaziwa ngokupha imali abantu ahlangana nabo emigwaqeni ezweni lonke.

UMjaji uthi uke waba nomhlangano nabakwa-Albany mayelana nokuthi bemkhokhele yena nomshana wakhe ngesithombe esabukeka kwabaningi njengethuba lokukhangiseka komkhiqizo wabo. Uthi bathi lesithombe asihambisani nemigomo kanye nemibandela yabo yezokukhangisa. “Emhlanganweni engaba nawo nabasebenzi abathathu bakwa-Albany bathi isithombe asihambisani nomgomo wabo wenhlanzeko. Ngaqonda ukuthi ngokwabo shuthi babuka indawo yasemakhaya njengendawo engcolile”, kusho uMjaji.

UMjaji odabuka kwaNongidi kwaZulu-Natali ungumfundi owenza izifundo zokuthwebula izithombe e-Tswane University of Technology (TUT). Kuthe ngoNtulikazi 2023 enza umsebenzi wesikole wathwebula umshana wakhe ephethe isinkwa sakwa-Albany. Zikhona ezinye izithombe azithwebulile kodwa lesi kube ngesikhangayo ukuzedlula zonke.

Ube esesifaka ezinkundleni zokuxhumana nokuyilapho sithole khona ukunakwa, sathandwa abantu abaningi. Bebodwa abathi kufanelwe i-Albany ikhokhele uMjaji ngokuyikhangisela umkhiqizo wayo. Nokho lenkampani ayibonanga kanjalo.

Kuthe ngoLwesihlanu uPhakathi wasigcina isithembiso sakhe njengoba eqale wafaka u-R10 000 wase elandelisa ngo-R5000 kwi-account kaMjaji.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.