Onebhizinisi Lokuthwebula Izithombe Udla Inzuzo Yalo Nabanokuncane
Ukholwa ukuthi uma utshengisa ubuntu kwabanye abantu uNkulunkulu uyakwandisela uNhlakanipho Khumalo waseHwebede eMacambini ngaphansi kukamasipala wase Mandeni. UKhumalo oneminyaka engamashumi amabili nje vo, izolo [ngoMgqibelo] uthengele umuzi wakwaMthembu okuyo leya ndawo i-grocery .
UKhumalo utshele UMKHAYA ukuthi lokhu akakwenzi ngoba enemali eningi kodwa uthathe kwinzuzo ayithole ngomsebenzi wakhe wokuthwebula izithombe okuyiwo omsiza ukuthi naye akwazi ukufeza izidingo zakhe zempilo.
“Lokhu angikwenzi ngoba ngicebile kodwa yikuthi nginevuso lobuntu. Kuyangihlupha ukubona abantu bethwele kanzima bebamba beyeka, kungahlangani. Ngithe ngalokhu okuncane engikutholile nami angabelane nabanye endaweni yakithi.
“Angibheke dumo kodwa ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uzongibusisa aphinde achumise nomsebenzi wami wokuthwebula izithombe”, kusho uKhumalo ophothule ibanga leshumi nambili ngo-2023 eSikhuthele High School nge-diploma.
Uthe okwamanje usagxile kuleli bhizinisi lakhe ngoba uwumuntu oyithandayo nemali ngakho ilo eliza kuqala nakuba eyibamba eminye imisebenzi eseceleni evelayo. Ucele umphakathi ukuba umeseke ngokumqasha njengoba ethwebula kuyo yonke imicimbi futhi eqopha nama-video.
“Ngiqale ukuthwebula abantu ngisafunda ngakho kuyinto engingeke ngiyiyeke manje ngiyafisa likhule leli bhizinisi lenze okungaphezu kwelikwenza manje”, kuchaza uKhumalo oqambe ibhizinisi lakhe ngokuthi yi-West Media Works.
Echaza ngokwenze wacela UMKHAYA ukuba umhlonzele umuzi futhi umphekezele uthe: “Nakuba mina ngingeyena umuntu othanda ukugqama kodwa ngiyazi ukuthi izinto eziningi zithathelwa phezulu uma zibonakala ezinkundleni zokuxhumana ngakho lokhu kuzonika ithuba nabanye ukuthi bafake nabo isandla ukusiza umuzi wakwaMthembu”, kusho uKhumalo.
Kulo muzi wakwaMthembu oku-ward 2 kumasipala waseMandeni kuhlala abantu abangaphezu kweshumi nanhlanu abasebenzisa indlu eyodwa yomxhaso kahulumeni kanti akekho osebenzayo. Ilungu lomndeni esikhulume nalo lithe ukhona umfowabo obeseqashiwe kwi-project yomphakathi kodwa naye usemisiwe emsebenzini ngenxa yombango wabama-tender.
“Khona akulula njengoba sake sathenjiswa nawuhulumeni ukuthi sizosizakala kodwa kuze kube manje lutho. Mina nje kwake kwafika izikhulu zikamasipala wase Mandeni zangithembisa umsebenzi ngoba ngaphumelela ibanga leshumi kodwa emuva kwalokho ngase ngiyiswa le nale ngingasanakwe muntu”, kusho ilungu lomndeni elingathandanga ukwaziwa.
Abafisa ukuxhumana nomndeni wakwaMthembu ngenhloso yokusiza bengaxhumana nomhleli woMKHAYA ku WhatsApp [064 017 9872] kanti ukuqasha uKhumalo bengashayela i-West Media Works engabizi nhlobo ku: +27761617073.