Intatheli YasEswatini Ithi U-Zimdollar Umthuke Kancane UMthandeni, Uzithwele Kakhulu
Intatheli yephephandaba lasEswatini iSwaziland News ithi sithole okusifanele isihlabani somculo kaMaskandi kuleli uMthandeni SK wodumo lwengoma ethi Paris ayenza no Lwah Ndlunkulu. Lo mculi kuthe ngempelasonto emcimbini kamaskandi i-Mother Of All Maskandi Music Festival obuse-People’s Park wahilizisana nomsakazi woKhozi FM, u-Zimdollar kubangwa ukuthi bese kudlule isikhathi sakhe sokunandisa.
Kwi-video ebonwe UMKHAYA nesabalele ezinkundleni zokuxhumana kubonakala u-Zimdollar eya ngoshova kuMthandeni ephekezelwa onogada bakhe wafike wahlwitha umbhobho, wathi uyakhuluma lomculi u-Zimdollar wamtshela ukuthi “voetsek” kubuka abantu. Isenzo lesi esicasule abantu abaningi kanti njengoba bekulindelekile ezinkundleni zokuxhumana isematheni lendaba.
Intatheli ebhalela iphepha elibhala ngesingisi Eswatini u-Martin Dlamini ikushayele ihlombe okwenziwe u-Zimdollar, yathi abaculi bafike becele abasakazi nezintatheli ukuthi zibadumise kuthi mase bedumile bese beba namahlombe amakhulu, bezithwale.
“Wenze kahle umsakazi wamphuca umbhobho lona, uwasebenzise kahle amandla akhe. Ubevele engasenalo ilungelo lokucula esephelelwe isikhathi. Kule ndima yobuntatheli nezokusakaza sibeka imisebenzi yethu engcupheni ukugqamisa labaculi”, kusho uDlamini.
Uqhubeke wathi yena njengentatheli eke yabhala ezikaqedisizungu uyaqonda ukuthi kungani u-Zimdollar ephuce uMthandeni umbhobho futhi uyithandile indlela enze ngayo yokungabi nendaba noma esegxekwa abantu.
“Uma labaculi sebedumile bayaqala bekhukhumalelwe amakhanda bengabahloniphi abasakazi ababasizile ukufika kuleli zinga abakulona ngoba bethembe ukuthi bazodabukelwa abalandeli babo ezinkundleni zokuxhumana, akulungile lokho.
“U-Zimdollar ukucacisile ukuthi uMthandeni bekumele anandise ngehora lesikhombisa (19:00) kusihlwa kodwa yena wafika sekugamenxe ihora lesishiyagalolunye (21:30) ebusuku. Ufike lapho futhi wafuna ukucula ngenkani, edelela umphathi wohlelo obengowesifazane nabahleli bomcimbi.
“Umphathi wohlelo ungumqondisi wohlelo futhi usuke ethenjiwe ukuthi aphathe uhlelo ngobunono, aqikelele nendaba yokugcinwa kwesikhathi ukuze umcimbi ube impumelelo. Manje noma ubani odelela umphathi wohlelo usuke ekhomba ngqo ngomunwe ophakathi nendawo abahleli bomcimbi nezihlwele ezisuke zibukela”, kuqhuba lentatheli.
UDlamini uthe inkulu imali esetshenziswa ukuhlela umcimbi, ukuthi sekungafika umculi nje oyedwa azonyomfa izinto. Ngokuka Dlamini u-Zimdollar ubelungisa isimo. “Abantu abazintatheli nabangabasakazi kumele befunde ekubeni nesibindi kuka-Zimdollar. Thina bantu abasemkhakheni sisebenza eduze nalabantu abangabaculi nosopolitiki. Sibabona eduze betabalasa befuna ukuya phezulu kodwa banele bephumelele nje bese befuna ukusatshwa yibo labantu abebetabalasa phambi kwabo.
“Ngaphezu kwalokho udumo lwabaculi luyafika lwedlule kodwa umkhakha wezokusakaza nowezindaba uhlale ukhona ukuphakamisa abanye abaculi abasuke befika endimeni. Ngokwami ngifunde lukhulu ngalento eyenziwe umsakazi woKhozi FM, u-Zimdollar. Umphathi wohlelo ongathenjwa lona ngokuqondisa uhlelo yonke into ibe semgqeni.
“Engingakusho kuMthandeni ukuthi kumele afunde ukuhlonipha abaphathi bohlelo futhi agcine isikhathi uma eqashiwe. Abaphathi bezinhlelo kufanele befane no Zimdollar bengabi zicashalala zabaculi ngoba bedumile. Abasakazi nezintatheli ibona abaveza abaculi ngakho mawudelela labo abntu usuke uzimbela umgodi ozongena kuwo masuwile”, kuphethwa lentatheli.
I-Mother Of All Maskandi Music Festival umcimbi obekuvotwa kuwona kuncintisana abaculi abangamashumi amathathu bakaMaskandi bebanga i-Quantum. Obaqwaqwade emakhanda ngamavoti kube uGatsheni ocula ingoma esematheni kulezi nsuku ethi Ibhodlela.