UMbuso Khoza Neqophamlando Elibungaza Impilo Kamphrofethi Isiah Shembe
Isigomagoma esiyingcweti yomlando, amasiko, umculi nomlingisi wemidlalo kamabonakude uMbuso Khoza usezinhlelweni zokwakha isikhungo esizofundisa amahubo, ubu-Afrika, umculo ohlukahlukene othinta zonke izigaba zempilo. Lesi khungo esizogxila kwezobuciko sizokwakhiwa ngakubo eShowe enyakatho yesifundazwe kwaZulu-Natali. Mayechaza uKhoza lesikhungo sizosebenza ngokufana nse nesikhungo sokuqeqesha amakhono.
Lo mculi obuye ahlabelele amahubo neqembu i-Afrika Heritage Ensemble Group uqale ukungena emculweni ngesikhathi eqala ukuzihlupha ngokufuna umlando wabantu besizwe sakhe. Ekuhlanganiseni lolo lwazi uthole ukuthi kunamahubo abeculwa abantu esikhathini sasendulo wase ezihlupha ngokwazi ukuthi bebewacula makwenzenjani lamahubo futhi bewacula kanjani.
Uzithole ehambela izindawo ezihlukene eNingizimu Afrika, emazweni ase-Afrika naphesheya kwezilwandle nokuyilapho athole khona ukuthi lendlela abantu abakhule ngayo endulo nendlela naye akhule ngayo emaphandleni eShowe ingamakhela imali enhle futhi aphile kahle.
Ekhuluma nentatheli kuleli sonto uthe uye athi mayebuka unina omzalayo nolwazi analo ngabantu abaphile endulo agqugquzeleke ukuthi lukhulu angalwenza yena ngoba uphile esikhathini esinamathuba nobuchwepheshe obuningi bokusabalalisa ulwazi.
Uthe ukufunda ngamahubo asendulo kumkhuthaze ukuthi enze umculo ngoba yiwona okwazi ukumtshela ukuthi ungubani futhi umnika ithuba lokwethula imizwa yakhe. “I-Jazz iyona ebe ikhaya lezwi lami ngoba ngikwazi ukuzichaza ngayo. Ungenza ingoma amahora amabili, ihambe yonke imithambo yomzimba ikucinga ize ikuthole nibe into eyodwa”, kuchaza uKhoza.
Losomlando ungena nengosi ethi Ijadu LeAfrika emsakazweni Ukhozi FM njalo ngoLwesihlanu ohlelweni lukaDudu Khoza i-Jabul’ ujule olungena phakathi kwehora lesi-9 ekuseni nele-12 emini. Usanda kushiya emdlalweni owuchungechunge Umkhokha oboniswa ku Mzansi Magic lapho abedlala khona indawo kaMaphalala. Ngesikhathi eshiya kulomdlalo uthe usefuna ukugxila kwi-podcast yakhe.
I-album yakhe ye-Jazz ethi Ifa Lomkhono ekhiqizwe uMduduzi Makhathini iqokwe ku-Metro FM Music Awards emunxeni we-Best Jazz Album nokuyinto athi imnika umuzwa oyingqayizivele.
“Umsebenzi lona okukhulunywa ngawo kakhulu ezindaweni ze-Jazz nasezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu bebabaza ubungcweti nokuzinikela ngesikhathi wenziwa, kusuka uqoshwa e-East London kuya lapho esiwuphethele khona eGoli. Kuwona kukhona abantu abafana noLinda Sikhakhane.
“Ngokwami kule minyaka yami nohambo esengiluhambile, kusuka ngicula ngemuva kuma-band abaculi abafana noThandiswa Mazwai, Siphokazi, Themba Mkhize nokusebenza no-Black Coffee ezingomeni zakhe ezidlalwa kakhulu ezindaweni zobumnandi, kwenza ngicabange ukuthi konke kwenzeke ngenxa yothando kuphela. Uma usuthola ukuhlonishwa ngakho lokho, kuyinto emangalisayo”, kusho uKhoza.
UKhoza uthe kumanje umatasa nokuqoqa iminikelo ukuze kuqale umsebenzi wokwakha isikole esizoba isizinda nethala lokudlulisa ulwazi esizukulwaneni esilandelayo. “Lesi kuzoba isikhungo samakhono. Ngizophinde ngihambele onke ama-mall emadolobheni aseNingizimu Afrika ngidayisa Ijadu Le-Afrika. Kulo msebenzi kuqoshwe iziqephu zokubungaza impilo yamakhosi AmaZulu ayisi-9 kanye nesibungaza impilo yomphrofethi u-Isiah Shembe ongumsunguli webandla lamaNazaretha”, kuphetha uKhoza.