‘Bamhlanzisa’ U-R60k U-King Monada Ngokungayi Emcimbini
Abahleli bomcimbi iLimpopo Arts Movement (LAM) bafuna umculi wakuleli ongowodabuka khona eLimpopo, u-King Monada akhokhe imali yabo ngokuhluleka ukucula emicimbini emibili abase bemkhokhele ukunandisa kuyona ngo-2022 nango-2023. Ngokusho kwabe-LAM lengwazi yomculo we Khelobedhu House ne Afro-pop yahluleka ukufika emcimbini wokuqala owawungoLwezi 2022 sebemkhokhele u-R35 000, wase ethembisa ukuthi uzocula mahhala kowe Limpopo Legends Awards (LILA) ngo-2023 ukuze akhokhe isikweletu sowokuqala.
Encwadini esayinwe umphathi ka-King Monada, uMnuz. Makwela lapho yena [u-King Monada] exolisa futhi ezibophezela ukucula mahhala emcimbini olandelayo wathi: “Lencwadi iyiqinisekiso sokuzibophezela ukuthi ngizonandisa emcimbini olandelayo we-LILA Awards 2023 emuva kokuba ngehlulekile ukuhlonipha isivumelwano sokunandisa mhlaka 5 Lwezi 2022. I-King Monada Music iyazibophezela ukuthi emcimbini olandelayo kuzonandiswa futhi akukho mali ezofuneka. Imali engu-R35 000 ekhokhwe uMnuz. Mashabela ngomcimbi odlule ayizukukhushulwa izoma ngokwesivumelwano salowo mcimbi”.
Okuthukuthelise abahleli balemicimbi ukuthi nakowesibili u-King Monada uphinde wangalubeka futhi unyawo lwakhe. Abe Thobejane Attorneys abamele i-LAM bathe ikhasimende labo lifuna ukukhokhelwa imali engu-R60 000 yilo mculi ngesenzo sakhe. Kuvele ukuthi emuva kokuhluleka ukunandisa kuyona yomibili imicimbi okwakumele anandise kuyona futhi esekhokhelwe, u-King Monada wabe esenyamalala.
Emaphepheni asenkantolo kuvela ukuthi i-LAM yakhokhela u-King Monada imali engu-R35 000 ukuthi anandise emcimbini wayo kodwa kazange afike. “Uthe mayebuzwa ngalokho wabika izaba wase ethembisa ukuthi komunye umcimbi wethu olandelayo uzonandisa mahhala, nalapho akaze afike”, kusho isitatimende sikaMnuz. Mpho Mashabela onguSihlalo we-LAM.
I-LAM ifuna u-King Monada ayikhokhele u-R35 000 eyamqasha ngawo, u-R10 000 ngokuyizwisa ubuhlungu yona njengabahleli nabalandeli, no-R15 000 wezindleko zezomthetho.
Lomculi uke waba sematheni ngo-2022 ngesikhathi akha isithabathaba sendlu eyisitezi emakhaya angakubo eMokgoloboto Village eTzaneen. Lendlu kuthiwa inamakamelo okulala ayisi-6, igalaji elikhulu okungena kulo zonke izimoto zakhe zikanokusho. Isiphelile lendlu eyadla imali engu-R3 million yakhiwa u-King Monada wabiza abangani bakhe kwezikaqedisizungu ngenhloso yokujabula nabo ngesikhathi eyivula.