Ezosaziwayo

Ududuzwa Ukuqokwa Ku-Metro FM Awards U-Cassper Nyovest Oke Waxinwa Ukhwantalala

Umculi we-rap kuleli usecele abalandeli bakhe bemvotele kuma-Metro FM Music Awards akulonyaka njengoba eqokwe kumunxa we-Best Hip-hop ngengoma yakhe ethi 018 ayenza Maglera Doe Boy. Kushubile kulo munxa njengoba eqokwe nezinye izinkakha ze Hip-hop okungo-Nasty C, A-Reece, Da LES no Khulu Chana.

U-Casper ubhale ekhasini lakhe ku-X wathi: “Sekuyisikhathi eside ngigcine ukukhankasela i-award. Ngingathanda ukuyithatha lena. Uma nibona ingifanele, ngicela ningivotela”.

Lomculi wodumo lwengoma eshise izikhotha ngo-2014 ethi Doc Shebeleza ayenza no-Okmalumkookat usanda kubhoboka ngokuxinwa kabi ukhwantalala kuleminyaka emibili edlule. Ubhale ekhasini lakhe ku-X ethi nakuba udlulile kulesimo ubonga uNkulunkulu.

“Ngidlule esikhathini esinzima kakhulu kuleminyaka emibili edlule. Ngokomqondo, bengilimele kakhulu. Ngike ngaziwa nginokwesaba okukhulu ngenxa yezinsongo ebengizithola, ngaze ngaqasha abantu abebengigada. Kuze kwatholakala ukuthi nginokhwantalala nengcindezi enkulu. Akukho ebengikubona kulunga, umqondo ubufiphele indlela imnyama. Ngizisondeze noJesu, wayihlenga impilo yami. Ngiyafisa ukumbonga ezinsukwini zami zokuphila ngithi uyinkosi nomsindisi wami”, kusho u-Casper.

Kusukela ngoZibandlela ngonyaka odlule lomculi oke wangena eringing yesibhakela no-Naak Musik ukhuluma ngobufakazi anabo ngoNkulunkulu, kukhona ne-video eqoshwe kulonyaka usaqala lapho ebhabhadiswa khona.

“Abantu abaningi bebelokhu bengibuza ukuthi kwenzenjani ngathula kangaka. Ukunipha nje kafushane ngobekwenzeka. Ngike ngaba nesikhathi sokuma nokuyilapho engithole khona ithuba kokufunda ngempilo, ngazithola ukuthi yini inhloso yokuphila kwami. Anginamahloni okusho ukuthi umphefumulo wami uhlanzwe igazi likaJesu. Anginamahloni ngokukhuluma ngevangeli futhi ngisazoveza okunye okuningi makuqhubeka isikhathi”, kusho u-Casper.

Lom-rapper obuye abizwe ngoMufasa akangabazi ukuthi noma kanjani uzohamba nayo le-award yize eqhathwe nabanye osondonzima emculweni we-Hip-hop kuleli. Uthe uthola amandla ekuzitsheleni ukuthi uma uNkulunkulu embekele ukunqoba kuzoba njalo futhi umnikile ithalente azolwa ngalo aphumelele kukho konke ngesikhathi esifanele.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.