U-DJ Zinhle Nomyeni Wakhe ‘Bachoma’ Ngothando Lwabo Ezinkundleni Zokuxhumana
Asiwuvali umlomo ngothando esiluthola kumyeni waso u-Mordah Bongz isinqazu sentokazi eklwebha amatafula u-DJ Zinhle. Lo DJ ogama lakhe langempela uZinhle Jiyane utshele abalandeli bakhe ku-X ukuthi akazi angayichaza ayithini indlela athandwa ngayo umyeni owayecula kwi-Black Motion.
Ngakolunye uhlangothi u-Mordah, igama lakhe langempela uBongani Mahosana naye wenza okufanayo njengoba echoma ngothando alufuqwa u-DJ Zinhle. Into bobabili abenza isiqiniseko ukuthi bayayenza ukuthi makukhona ozuza okuthile endimeni kaqedisizungu bayabongelana futhi lokho bakwenza ubuka umphakathi njengoba behlezi bencomana ezinkundleni zokuxhumana.
Ngonyaka odlule ngesikhathi u-DJ Zinhle eqeda kusayina inkontileka yokusebenzisana nenkampani ephisa utshwala i-Remy Martin, u-Mordah waba owokuqala ukungena ezinkundleni zokuxhumana wazisa abantu ngalokho futhi echoma ngesithandwa sakhe. Uphindile futhi ngesikhathi u-DJ Zinhle enqoba ama-South African Music Awards (SAMA’s) wagijima wayobhala ezinkundleni zokuxhumana encoma umkakhe. Kuthe kulonyaka naye u-DJ Zinhle usabalalise i-video lapho encoma khona umyeni wakhe futhi ebabaza uthando amnika lona.
Kukho konke lokho kuncomana kwabo, abazibekile phansi nababagxekayo ngalokhu kwenza kwabo kodwa abazigqizi qakala izinkulumo zabantu nababhala kabi ngabo emaphepheni njengoba bona begxile ekunikaneni uthando nokunika izingane zabo imfudumalo.
Kuleli sonto u-DJ Zinhle ongowokudabuka e-Dannhauser, kwaZulu-Natali unikele ezinkundleni zokuxhumana lapho ubencoma khona umyeni, etusa ukulunga kwakhe nokuthi unenhlanhla ukushada umuntu wesilisa oyisimangaliso kanje.
Uqhubeke wathi usanda kuzithola evuka egunjini elimnyama elisetshenziswa umyeni ngenxa yokuthi ubengekho kanti ubesemkhumbule kanzima. Ubuze abalandeli bakhe ukuthi kwake kwenzeka yini bathandabana nabantu abasigabeni sempilo esingaphezu kwabo. “Uke wathandana nomuntu noma ukhulume nomuntu owaziyo ukuthi ungaphezu kwakho ngokwezinga? Angisho ukuthi usuke uzehlisa noma uzibukela phansi kodwa kunabantu ongacabangi nje ukuthi uyoke usondele eduze kwabo, kodwa mahlayeni uzithole ususeduze kwabo futhi uthole ukuthi bangabantu nje abazifanela nawe.
“Umyeni wami baf’ethu uwumculi, wenza izinto eziningi nje ezinkulu nezichazayo. Niyawazi baf’ethu umculo wakhe, iskhokho lesi. Namanje angikholwa ukuthi imina wonke lona othandana naye. Okwesibili, u-Mordah umjita opholile, osezintweni, ohlekisayo, isimanga nje. Ngaphezu kwalokho unomoya omuhle, kuningi nje. Bese kuba imina, uyangithanda umuntu”, kusho u-DJ Zinhle echoma ngomyeni wakhe.
“UNkulunkulu wenza kakhulu lapha kumyeni wami. Ngesikhathi engipha yena, ngiyasola wathi athi ngikunike into engaphezulu ekhekheni wena. Ngiyazi lomjita, akangifanele mina ngisele kakhulu kuyena. Usuke wazizwa ngalendlela engizizwa ngayo..”, kubuza u-DJ Zinhle ongawuvali umlomo mayeke waqala wakhuluma ngomyeni wakhe.