Izindaba

Unyuse Izibalo Ze Jozi FM Ngelanga Lokuqala U-Penny Ntuli

Bekuphithizela zonke izinkundla zokuxhumana ngoLwesibili njengoba ubezwakala okokuqala ngqa kwi-Jozi FM, u-Penny Ntuli osanda kushiya umsakazo waseThekwini iGagasi FM ngenxa yokungavumelani ngemali. U-Penny uqale ukuba sematheni ngo-2022 ngesikhathi eqopha i-video yakhe esakaza, ethi: “Ngiyazi ukuthi iGagasi alikaze lisho ukuthi lifuna abasakazi kodwa ngibona selishiwe abasakazi ababili ngakho, ngithi angingqongqoze futhi… Lithini lona iGagasi nkosi yami”.

Emuva kokusabalala kwaleyo video izikhulu zeGagasi FM zamsondeza eduze, wafakwa ohlelweni lwangoMgqibelo ntambama phakathi kwehora lokuqala nelesine,olwaluthi Zakhala. Kuthe ngo-2023 wanikwa uhlelo abelwenza no-Heazy i-CTM Urban Top 40 njalo ngoMgqibelo phakathi kwehora lesi-9 ekuseni nele-12 ntambama. Kuthe sekusondele isikhathi sokushintshwa kwezinhlelo zika-2024/25 kwiGagasi FM, u-Penny wangavumelana nomphathi wakhe u-Ayanda Milansi ngo-R2800 owaphakanyiswa njengemali abezoyihola ngenyanga.

Abaningi bamgxekile ngokushiya lomsebenzi wasemsakazweni njengoba bebekholwa ukuthi uyithuba kuyena lokuqhubeka nokugqama futhi ubungamvulela eminye iminyango. Nokho abanye bebezwelana naye bethi igcagcele esokeni, isazovuleka eminye iminyango. Kuvele nabanye osaziwayo abebekhala ngempatho efanayo nabo abayithole kwiGagasi FM nakweminye imisakazo abebesebenza kuyona.

Kuthe ngoMsombuluko u-Penny wazisa abalandeli bakhe ekhasini lika-Facebook ukuthi usebe nenhlanhla wabizwa umphathi womsakazo waseGoli angawushongo kanye naye umphathi akamushongo. Kuthe ngezikhathi zantambama ngawo umsombuluko kwabonakala umphathi wesiteshi i Jozi FM, uMpho ‘Njomane’ Mhlongo enaye u-Penny endaweni yokuphola ese Soweto i-Disoufeng Pub eSoweto.

USUKU LOKUQALA KWI JOZI FM

Ngolwesibili kube nokukhuphuka okumangalisayo kwezibalo zabalandeli bekhasi lika-Facebook le Jozi FM elibizwa ngokuthi ‘I AM JOZI FM’ njengoba u-Penny ubenza uhlelo lwakhe lokuqala kulomsakazo osakazela eDube eSoweto. Ngezikhathi zasekuseni leli khasi belinabalandeli abangama-64k kodwa ngokuqhubeka kwelanga bezilokhu zikhuphuka lezibalo njengoba sibhale sebebalelwa ku-165k. Lezibalo akungatshazwa ukuthi zinyuswe isasasa ngokufika kwalentokazi kulomsakazo.

Ngaphambi kwalokho ubesebhalile ekhasini lakhe ku-Facebook emema abalandeli bakhe ukuthi bamemukele emsebenzini wakhe omusha. “Ngivuke ngo-5 ekuseni namuhla. Ngijabule kakhulu ngelanga lami lokuqala emsebenzini. Ngicela ningamukela ku Jozi FM 105.8 (Channel 878 ku-DStv). Ngizoba semsakazweni wakho njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu nohlelo i-Mid Morning Chat ngelesi-9 ekuseni kuya kwele-12 emini.

INTUTHUKHO YAKHE NOKUSIZA ABANTU

Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bakholwa ukuthi ukungena kuka-Penny kulo msakazo osukhiqize inqwaba yabasakazi abanegama kuzomthuthukisa kakhulu njengomsakazi futhi afunde okuningi ngomsakazo. Okunye okuqaphelekile ukuthi i Jozi FM inezinhlelo zokubuyisela emphakathini nokuyinto okwaziwayo ukuthi uyayithanda kakhulu u-Penny, ukusiza njengoba lesiteshi sinohlelo lokunikela kwabesifazane abasebancane ngaphansi komkhankaso i-For The Princess owaqalwa uNjomane. Uhlelo i Jozi FM Works Jozi FM Cares olunikela luphinde lusize izingane zamantombazane luhambisana nse nalokhu u-Penny akholelwa kukho nabevele ekwenza. Akungatshazwa ukuthi uzokhula kakhulu futhi athole nethuba lokusiza abantu abaningi njengoba i Jozi FM ilalelwa abantu abaningi kunesiteshi abesebenza kusona KwaZulu-Natali.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.