ABANTU

USiyabonga Dubazane Uyisibani Esikhanyisela Abantu Base Mandeni

Kuzinselelo eziningi ezibhekene nabantu bangakubo eMandeni, uMnuz. Siyabonga Dubazane unikela ngesikhathi nangempilo yakhe ukuza nesisombululo.

Abantu abaningi bake bazitshela ukuthi usebenzela i-Eskom ngendlela abekukhathalele ngayo ukufaka izikhathi zokucishwa kukagesi ekhasini lendawo i-We Just Lv Mandeni. Iningi liqale ukumnaka lapho, abanye sebebika izinkinga zabo eziphathelene nawo ugesi.

Nakuba uDubazane ubengakaze asebenze ku-Eskom kodwa ubekwazi ukuxhumanisa abanezinkinga zikagesi nehhovisi eliseMandeni lale nkampani kaHulumeni ukuze besizakale.

Echazela intatheli yoMKHAYA uthe uwumuntu obathandayo vele abantu nokusiza, ingakho kuba lula kuyena ukubasiza.

Muva nje uqale umkhankaso obukeka uthela izithelo ezinhle wokusiza abasebenzi basemafemini kwaSithebe. Amafemu akwaSithebe umlando usitshela ukuthi akhiwe ngama-70’s kuya kuma-80’s ngenhloso yokufukula umnotho wendawo. Lokhu kwakuyisu likaHulumeni wakwaZulu owawuholwa Inkosi Mangosuthu Buthelezi.

UHulumeni wanxenxa osozimboni base-Taiwai ukuba bazovula izimboni kwaSithebe, nebala bathutheleka ngobuningi kwaqala kwadaleka namathuba emisebenzi.

Kuthe ngama-90’s kwaqala kwabonakala kusondela osozimboni base-China kulamafemu osekubikwe izigameko eziningi ngabo zokuxhashazwa kwabasebenzi. Abaphethe kuHulumeni wesifundazwe nowendawo bayalwazi lolu daba kodwa akukho okutheni abalekelela ngakho abasebenzi.

UDubazane useqale uhlelo lokuwangenela lamafemu ngenhloso yokuxazulula izinkinga ezibhekana nabasebenzi usuku nosuku. Udaba nje asanda kungenelela kulona olomsebenzi omisiwe efemini okuthiwa kukwa-Jacky kunemali yakhe angayitholile. UDubazane unikele kule femu waxoxa nezikhulu zayo bezwana, kwavunyelwana ngosuku okumele umsebenzi ayilande ngalo imali yakhe yonke. Ziningi ezinye izinselelo ezibhekene nabasebenzi bakwaSithebe azixazululayo.

Muva nje usesiza nabangalutholi usizo eminyangweni kaHulumeni njengoba esanda kungenelela kwenye inkinga yomuntu obese kunesikhathi engasizakali emnyangweni wezaseKhaya ngenxa yokufika njalo kugcwele nokunye obekungamathizethize.

Ebuzwa UMKHAYA ukuthi unesikhundla anaso yini eqenjini lepolitiki i-ActionSA njengoba eke wabonakala ematasa nomholi walo esifundazweni uMnuz. Zwakele Mncwango khona kwaSithebe, uphendule wathi: “Cha, abe-ActionSA bacela ukuba ngibahlelele umhlangano ukuze bezolalela izinkinga zabasebenzi bakwaSithebe emafemini ngenhloso yokuthi masebehlela imashi babenento ephathekayo futhi bazizwele ngabo abantu. Babe sebengicela ukuthi ngibamemele abantu kulowo mhlangano”, kuchaza UDubazane.

Usibikele ukuthi kuke kwafika umyalezo mayelana nengane eyayidinga usizo oluphuthumayo ngenxa yesimo sayo. “Lo mntwana ngangimsiza engenalutho ngenxa yesimo sasekhaya, samtholela izinto azidingayo njengoba isikole ayefunda kuso sasizoba ne-graduation, samgqokisa nokunye. Emuva kwalokho kwathi ngoZibandlela 16 ngonyaka odlule savakashela ekhaya kubo sayomupha ukhisimuzi, samshiyela nemali”, kulandisa uDubazane.

Ungamlandela uDubazane ekhasini lakhe lika-Facebook elithi [Siyabonga Dubazane] kanye nelithi [MANDENI YETHU].

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.