Owayengumethuli We Sizok’thola Kolunye Ubishi Lokufa Komuntu
Usekolunye ubishi lokufa komuntu owayethula uhlelo iSizok’thola kuMoja Love emuva kwesikhashana nje eboshwe amaphoyisa ngecala lokubulala, emuva kokufa kwendoda eyayisolwa ngokudayisa izidakamizwa, eyafa kuqoshwa esinye seziqephu zalolu hlelo.
Icala lakhe eliqhubeka enkantolo i-Palm Ridge eGoli lisaguqile okwamanje ngenxa yokudonsisa kwethimba labameli bakhe abangafikanga enkantolo ngesikhathi leli cala lihleli okokugcina.
Isiteshi se-TV abesebenza kuso i-Moja Love simxhoshile emuva kwalesi gameko wabe eseqashwa uphiko lwamaphoyisa olusanda kusungulwa eGauteng i-Crime Prevention Wardens.
Kulesigameko sakamuva kuthiwa uKhumalo utheleke nethimba lakhe kwenye yezindawo zokuzijuxuza i-Y2K Nightclub e-Kempton Park, Ekurhuleni ephethwe owokufika wase Congo u-Heriter Abuba. Batheleka lapha nje bebesanda kuthola umbiko wokuthi kule ndawo kudayiswa izidakamizwa umgangela, kubuka noma ubani.
Ngokusho kukamfowabo ka-Abuda u-John Wembo, “Kufike uKhumalo ehamba neshaqa labantu kanye namaphoyisa balalisa abantu abebezijabulela phansi bebafuna izidakamizwa. Kwathi kusenjalo kwafika umfowethu owayengazi ukuthi kuqhubekani.
“Ngesikhathi engena umfowethu watshelwa uKhumalo nethimba lakhe ukuthi akalale phansi, omunye wabo laba wamkhahlela ngebhuzi wamlahla phansi. Baqhubeka bamshaya bonke ngezidunu zezibhamu bemkhahlela nangamabhuzi waze waphelelwa amandla umfowethu”, kuchaza uWembo obesathukile.
Mayechaza uWembo uthi kuthe umfowabo engasenamandla bathi akasukume, mabebona ukuthi uyahluleka babe sebemxhakathisa bemhlalisa esihlalweni. “Umfowethu ube esecela ukudedelwa ayochama, bamyeka uhambe kancane waquleka. Ngesikhathi sebebona ukuthi impilo kamfowethu iyaphela uKhumalo ube esebiza i-ambulance bamthatha umfowethu bamusa kwesinye esibhedlela esiseKempton Park”, kulandisa uWembo.
Uqhube wathi bathi mabefika kulesi bhedlela batshelwa ukuthi umfowabo ulimele kakhulu udinga ukunakekelwa okuthe xaxa bona ngeke babe nemishini eyanele, base bemdlulisela eTembisa Hospital.
“Ngebhadi umfowethu washona efika nje esibhedlela [esiseTembisa]. Ngabe sengithatha isidumbu sakhe ngasiyisa emakhazeni ase-Germiston”, kuchaza uWembo.
U-Abuba ungcwatshwe ngoMgqibelo emathuneni ase-Kempton Park.
Kubikwa ukuthi ezinyangeni ezintathu ezidlule uKhumalo uvulelwe icala lokuzama ukubulala nokulimaza kanzima esiteshini samaphoyisa eTembisa. Leli cala livulwe indoda ebizwa ngoXolani Shabangu, ngokwesitatimende esisemaphoyiseni ithi yathi ishayela ibheke ekhaya uXolani waqhamuka ehamba ngemoto eyi-Ford Ranger wamisa [uShabangu] wabe esemdubula engalweni. Ngaphambi kwalokho wayekade emqalile ngentululwane izinhlamvu imoto yaze yaba bamokoboko. Lokhu kwenzeka ngoncibijane nonyaka eMotaung section.
UShabangu uthi akakwazanga ukubona izinombolo zemoto kodwa wakwazi ukubona phakathi kwabanye abalisa ababili ayehamba nabo.
Emuva kokuvulwa kwecala amaphoyisa aqale uphenyo agcina ebopha umethuli weSizok’thola omusha uXolani Maphanga ngenxa yokufana kwezimoto zabo kanye namagama abo. Kodwa kwaba udaba olwasheshe lwalungiseka lolo.