EzosaziwayoIzindaba

Kuphela Omunye Umshado Ka Sello Maake Ka Ncube

Iphephandaba eliphuma ngeSonto i-Sunday World ibike ukuthi umlingisi odumile wemidlalo kamabonakude uSello Maake Ka Ncube ufake isehlukaniso nomkakhe ashade naye ngo-2021 u-Pearl Mbewe. Ngokomthombo obikele leli phepha laba babanga ukuthi u-Pearl uthole ukuthi uMaake Ka Ncube usaxhumana nowesifazane ayeshade naye owaziwa ngo-Cynthia Hlahla okumanje uhlala e-US.

Kuthiwa lengxabano isiholele ekutheni uMaake Ka Ncube akhiphe umkakhe emzini wabo oseDube eSoweto. Umthombo okukhulunuywe nawo osondelene nabo labashadikazi uthe u-Pearl wabamba imiyalezo umyeni wakhe abethumelelana wona no-Cynthia. Kulemiyalezo khona lapho uMaake Ka Ncube abebuza khona u-Cynthia ukuthi akajoli yini e-US. Waphinda wamtshela ukuthi uyohlale esemqondweni wakhe. Kuyavela kulengxoxo yabo ukuthi u-Cynthia akayikholwa yonke lento eshiwo uMaake Ka Ncube.

Umthombo uqhubeka uthi u-Cynthia wathi kuMaake KaNcube, uyazi ukuthi uyamkhohlisa umuntu amthandayo uye lo ahlala naye u-Pearl. U-Cynthia uyaqhubeka athi akabe neqiniso uMaake Ka Ncube asho ukuthi akamsize athuthe eNingizimu Afrika eze kuye e-US ayeke ukulokhu eqamba amanga ethi uyamthanda.

UZAMILE UKULUNGISA IZINTO

Emuva kokuba u-Pearl ehambile emzini wabo wayohlala nabazali bakhe, uMaake Ka Ncube uzame ukulungisa izinto ngokuthumela abakhongi ukuyoqedela ilobolo kubo kwa-Pearl, okuyinto abangayemukelanga abakwaMbewe.

Isihlukile leyo mizamo uMaake Ka Ncube ube esexhumana nabameli bakhe i-Swanepoel van Zyl Attorneys ukuze kuqalwe indaba yesehlukaniso njengoba kwase kucaca ukuthi ayilungi into yakhe ne-Pearl. Abameli bathe bafuna u-R25 000 ngaphambi kokuqhubeka nezinhlelo zokuqala umsebenzi wesehlukaniso. Ebuzwa yi-Sunday World ngakho konke lokhu, uMaake Ka Ncube uvumile ukuthi uke waxhumana nabameli bakhe ngalolu daba kodwa akakabakhokheli kwayona lemali abayifunile.

OMUNYE UMSHADO OWABA MFUSHANE

Ngo-2015 uMaake Ka Ncube ushade no Palesa Mboweni abahlukanise naye kusaphele izinyanga eziyisishiyagalombili vo beshadile. Kuthe ngo-2022 inkantolo enkulu ePitoli yayalela laba bobabili ukuthi babelane yonke impahla yabo ngokulinganayo ngoba babeshade umshado ohlanganisa amafa.

Ngesikhathi kuqhubeka umzukuzuku wesehlukaniso uMaake Ka Ncube watshela abantu ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ukuthi: “Angikholwa ukuthi bengishade nesigebengu, okubuhlungu kakhulu ukuthi ngithukwa ngapha nangapha njengoba ngihlukanisa naye lona. Inhloso yami akukhona ukugxibha obewumkami kodwa ngifuna ukululeka abesilisa abasebasha ukuthi beqaphele ukuthi bashada abantu abanjani ukuze bengazitholi besesimeni esifana nami.

“Lomuntu wesifazane ubeseshintshe isibongo sezingane afike nazo emshadweni wethu wazibiza ngesibongo sami engangitshelile mina. Ngangingeke ngiyazi ukube angimzwanga ekhuluma nonina ngocingo”, kuphetha uMaake Ka Ncube.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.