Izindaba

Unikwe Olwakhe Uhlelo ‘Umafikizolo’ We Gagasi FM

IsiZulu sithi ukuwa kwenye indlu ukuvuka kwenye. Emuva kwezindaba ezisabalale kuleli sonto zokushiya kwesilomo somsakazi weGagasi FM, uPenny Ntuli, omunye umsakazi wehlelwe ingqayizivele yethuba yokubamba yedwa uhlelo kulomsakazo waseThekwini owenza inzuzo. USphokuhle Luthuli obenza uhlelo Umsindo Takeover ngoMgqibelo no Mkay usezokwenza uhlelo oluzongena ngeSonto ebusuku phakathi kwehora leshumi neleshumi nambili i-Wrap Up.

Lokhu kuvele ngesikhathi iGagasi FM lenza isimemezelo ngesinguquko zalo zonyaka wezimali -2024/25 ngoLwesithathu.

ULuthuli ungene emsakazweni okokuqala ngqa ngesikhathi iGagasi FM lenze umncintiswano wokuthola umsakazi obubizwa nge-GFM Rising Star Presenter Search ngo-2023. Emuva kwalokho ube esefakwa ohlelweni obelwenziwa u-Mkay Music obelungena njalo ngoMgqibelo kusuka ngehora lesine ntambama kuya kwelesikhombisa ebusuku.

Ebuzwa uLuthuli emuva kokunqoba umncintiswano ukuthi ubazi yini ukuthi uzogcina esemsakazweni wathi: “Kuqale ngo-2013 ukuthi ngizwe ukuthi impela ngiyawuthanda umsakazo. Kusukela ngalowo nyaka ngaqala ukulalela iGagasi FM. Mahlayeni kwavele kwakheka uthando lokuba ingxenye yawo nokuyilapho engabona khona ukuthi ikusasa lami lisemsakazweni. Eqhubeka echaza waveza ukuthi umsakazi obemgqumgquzela kakhulu ekutheni naye agcine enothando lokungena emsakazweni u-Alex Mthiyane owenza uhlelo Indaba phakathi nezinsuku.

ULuthuli oneminyaka engamashumi amabili nambili (22) ekhaya kubo kuseMlazi eThekwini. Uke wasebenza njengomfundi wezindaba nomdidiyeli emsakazweni womphakathi i-Radio Sunny South kanti uke wadlala indawo kaSibongiseni kuZalo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com