UGatsheni Uqokwe Nabangosondonzima Kowe-Best Newcomer Kwakahulumeni
Umculi kaMaskandi onedumela kulezi nsuku ngengoma yakhe ethi Ibhodlela uqokwe kuma-awards ahlelwa uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke. Lama-awards abizwa nge-Cultural and Creative Industry Awards (CCIA) asesesigabeni sokuvezwa kwabaqokiwe kwiminxa ehlukene. Kulomunxa ovotelwa abantu aqokwe kuwo uGatsheni i-Best Newcomer ubanga noLebo Malope osemkhakheni wengqephu no Tyala osemculweni nabo abenza ezibukwayo ngokuhlukana emikhakheni yabo.
ULebo ungowokudabuka eLandskraal eLimpopo. Ungumsiki ne-model ehlonishwayo kuleli nasemhlabeni ngokugqoka imisiko ephambili kuhlanganisa nokukhangisa nge-Louis Vuitton yodumo. U-Tayla yena usanda kunqoba i-Grammy ngengoma yakhe ethi Water eyahlala ezingomeni eziyishumi kwezingu-100 ebezihamba phambili emhlabeni wonke. Ngalokho ube ngowokuqala wesifazane e-Afrika ukuba kulelo zinga.
Lama-awards anenhloso yokuthuthukisa igama labaqokwe kuwona nokwenza abaqokiwe begqame kuleyo mikhakha abayenzayo, okukhulu ukuthi babe isibuko somkhakha abakuwona. Kuklonyeliswa amaciko avela endimeni yobuciko nokuqamba njengoba kuqokwa kusuka kubalingisi bamafilimi, ababhali, abathungi nabadlali beshashalazi. I-award enkulu ukuwedlula onke ileyo ezoqokwa iphinde imenyezelwe ungqongqoshe womnyango i-Ministry (Discretionary Categories).
UGatsheni ubonge ozakwabo emculweni ngokuqokwa kulama-awards. “Ngeswele impilo eyizinkulungwane. Ngiyabonga kakhulu ukuthi uMnyango wobuCiko namaSiko eNingizimu Afrika ibone kufanele ngiqokwe kulama-awards.
“Ngibonga kakhulu kozakwethu endimeni kaMaskandi abavele baphumela obala, bangihalalisela. Nginibonile madoda”, kusho uGatsheni ebabala bonke ozakwabo abambongele. Kubona kukhona uKhuzani obhale ekhasini lakhe le-Facebook ehalalisela uGatsheni.
“Ngithi angithathe lelithuba ngibongele insizwa uGatsheni ngokuqokwa kulama-awards lapha khona aqhathwe nentokazi esanda kunqoba i-Grammy [esho uTayla]..lokhu kusho lukhulu, ngiyakufisela sengathi ungabuya nayo”, kusho uKhuzani.
UGatsheni igama lakhe langempela uMlungisi Khuzani Ndlovu kanti uzalwe ngo-1990 oPongolo, KwaZulu-Natali. Ungene emculweni ngo-2012 enemimyaka engamashumi amabili nambili (22). I-album yakhe yokuqala ayiqophile ebithi Inhlupheko idayiswe ngempumelelo yaze yathola i-platinum kwabe-Recording Industry of South Africa (RiSA). Usuku lwama-awards alwakamenyezelwa.