Izindaba

“Angikaze Ngincome Noma Ngijoyine I-MK Party Mina”: Lira

Isihlabani somculo we-Afro-pop uLira sesizichithile izinsolo zokuthi simemezele ukuthi seseka iqembu eliholwa owayengumengameli wakuleli uMnuz. Jacob Zuma i-MK Party. ULira uzithole echaza kanje emuva kombiko obubhalwe ku-YouTube obuthi ‘ULira ujoyina i-MK‘, omunye ubuku-Twitter esiyi-X obuthi ‘ULira uyilungu le-MKP ngokusemthethweni‘. Lemibiko ibisisabalele ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu, wonke umuntu ekhuluma ngayo.

ULira ubhale ekhasini lakhe ku-Facebook echitha yomibili lemibiko. “Ngifisa ukuqinisekisa akukho okungihlanganisa ne-MK Party. Angikaze ngiyincome noma ngiyijoyine. Lonke ulwazi oluphikisana nalokho lungamampunge, ngisezinhlelweni zokusebenzisa ezomthetho ukulwa nokusebenziswa kwegama nesithombe sami kwephulwa umthetho”, kuchaza uLira.

Kuvela lezindaba nje ngalomculi wodumo lwengoma ethi Feel Good usanda kubonakala ecula edilini ebelisemzini wakhe lapho abethokoza khona nomndeni wakhe, abangani nabanye abasemkhakheni wezikaqedisizungu abebezombungaza njengoba ekhomba ukululama. Kuzokhumbuleka ukuthi uLira ushawe isifo sohlangothi ngo-2022 ese-Germany ohambeni lomhlaba lapho abeyojabulisa khona abalandeli bakhe.

Kusuka lapho ubephuma engena ezikhungweni zezempilo ezama ukuhlenga impilo yakhe. Ubelokhu efaka isimo sakhe sezempilo nokuthi ululama kanjani emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana. Nokho manje sekungozi makhaza.

Kevele ukuthi noma elulama kahle kodwa kusanenselelo ngomzimba wakhe njengoba usebuthaka kanti nendlela yakhe eyaziwayo yokukhuluma ayikabuyeli kokujwayelekile. Ukusizwa odokotela abakhuluma isilungu kuphela ukubuyelwa indlela yokukhuluma aziwa ngayo kuphoqe ukuthi azijwayeze ukukhuluma sona kuphela okwamanje.

Sekumicimbi ehleliwe azobonakala kuyona ecula emphakathini njengoba ezojabulisa abalandeli bakhe emcimbini ozoba se-Constitutional Hill i-The Baseline Fest mhlaka 25 Nhlaba.

“Silana manje. Kuyamangalisa. Ubuyile uLira, i-The Baseline Fest nokugubha i-Africa Day. Ngizobe nginandisa okokuqala ne-band bukhoma emuva kokushawa isifo sohlangothi ngoNdasa 2022. Into enkulu kimina, ngithokoze kakhulu”, kubhale uLira ekhasini lakhe le-Facebook.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.